Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 11:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Izinduna zabantu zahlala eJerusalema; abantu abaseleyo benza inkatho ukuyisa omunye kwabayishumi njalo ukuba ahlale eJerusalema, umuzi ongcwele, nabayisishiyagalolunye kweminye imizi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Abaholi babantu bahlala eJerusalema; abantu abaseleyo benza unkatho, bakhetha oyedwa kwabalishumi ukuba ayohlala eJerusalema, umuzi ongcwele, nabayisishiyagalolunye emizini yakubo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Izikhulu zabantu zazihlala eJerusalema; abanye abantu benza inkatho yokubeka oyedwa kwabayishumi ukuba ahlale eJerusalema, umuzi ongcwele, nezabelo eziyisishiyagalolunye kweminye imizi.

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 11:1
21 Referans Kwoze  

Ngokuba bazibiza ngomuzi ongcwele, bencika kuNkulunkulu ka-Israyeli, nguJehova Sebawoti igama lakhe.


Vuka, vuka, wembathe amandla akho, Siyoni, uzigqoke izingubo zakho ezinhle, Jerusalema, muzi ongcwele, ngokuba akusayikungena kuwe ongasokile nongcolileyo.


Onke amaLevi emzini ongcwele ayengamakhulu amabili namashumi ayisishiyagalombili nane.


Senza inkatho thina bapristi namaLevi nabantu ngomnikelo wezinkuni ukuba zingeniswe endlini kaNkulunkulu wethu njengezindlu zawobaba ngezikhathi ezinqunyiweyo, iminyaka ngeminyaka, zibaswe phezu kwe-altare likaJehova uNkulunkulu wethu njengokulotshiweyo emthethweni,


Khona uSathane wamthatha, wamyisa emzini ongcwele, wammisa esiqongweni sethempeli,


Base bekhuleka bethi: “Wena Nkosi, owazi izinhliziyo zabantu bonke, ake ukhombe omunye kulaba ababili omkhethileyo


baphuma emathuneni emva kokuvuka kwakhe, bangena emzini ongcwele, babonakala kwabaningi.


Inkatho yenzelwa emathangeni, kepha ukwahlulela kwayo kungokukaJehova.


Ngokuba kumisiwe khona izihlalo zokwahlulela, izihlalo zobukhosi zendlu kaDavide.


Benza inkatho yesango ngesango, omncane njengomkhulu, ngezindlu zawoyise.


UJoshuwa wawenzela inkatho eShilo phambi kukaJehova; uJoshuwa wababela khona abantwana bakwa-Israyeli izwe njengezabelo zalo.


Base bebenzela inkatho; yadla uMathiya; wabalwa kanye nabaphostoli abayishumi nanye.


EJerusalema kwahlala kubantwana bakwaJuda, nakubantwana bakwaBenjamini, nakubantwana bakwa-Efrayimi noManase:


Labo babe yizinhloko zezindlu zawoyise, izinhloko ezizukulwaneni zabo, bahlala eJerusalema.


Wabhalwa-ke wonke u-Israyeli ngezizukulwane; bheka, balotshiwe encwadini yamakhosi akwa-Israyeli; uJuda wathunjelwa eBabele ngeziphambeko zakhe.


Abakhileyo kuqala emafeni abo emizini yabo babe ngu-Israyeli, nabapristi, namaLevi, namaNethini.*


Kanjalo ngaleso sikhathi ngathi kubantu: “Yilowo nalowo kahlale nenceku yakhe phakathi kweJerusalema ukuba zibe ngabalindi bethu ebusuku, zisebenze emini.”


Khulekelani ukuthula kwaseJerusalema: “Abakuthandayo bayakuphumelela kahle.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite