Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 10:34 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

34 Senza inkatho thina bapristi namaLevi nabantu ngomnikelo wezinkuni ukuba zingeniswe endlini kaNkulunkulu wethu njengezindlu zawobaba ngezikhathi ezinqunyiweyo, iminyaka ngeminyaka, zibaswe phezu kwe-altare likaJehova uNkulunkulu wethu njengokulotshiweyo emthethweni,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

34 “Thina baphristi, abaLevi, nabantu bonke, senze unkatho lokuthi minyaka yonke silethe umnikelo wezinkuni endlini kaNkulunkulu wethu, ngokwezindlu zokhokho, ngezikhathi ezinqunyiweyo, ukuze zibaswe phezu kwe-althare likaSimakade uNkulunkulu wethu, njengokulotshwe emthethweni.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

34 Senza inkatho phakathi kwabapristi namaLevi nabantu ngeminikelo yokhuni ukuba bayingenise endlini kaNkulunkulu wethu njengezindlu zawobaba ngezikhathi ezimisiweyo iminyaka ngeminyaka, ukushisa i-altare kaJehova uNkulunkulu wethu, njengokulotshiweyo emthethweni.

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 10:34
16 Referans Kwoze  

nomnikelo wezinkuni ngezikhathi ezinqunyiweyo, nolibo. Ngikhumbule, Nkulunkulu wami, kube kuhle kimi.


ILebanoni alanele ukubaswa, nezilwane zalo azanele ukuba zibe ngumnikelo wokushiswa.


Inkatho iyaqeda ukuxabana, yahlukanise phakathi kwabanamandla.


Izinduna zabantu zahlala eJerusalema; abantu abaseleyo benza inkatho ukuyisa omunye kwabayishumi njalo ukuba ahlale eJerusalema, umuzi ongcwele, nabayisishiyagalolunye kweminye imizi.


Inkatho yokuqala yadla uJehoyaribi, neyesibili uJedaya,


Bahlukaniswa ngenkatho, laba nalaba, ngokuba kwakukhona izikhulu zendlu engcwele nezikhulu zikaNkulunkulu emadodaneni ka-Eleyazare nasemadodaneni ka-Itamari.


UJoshuwa wabenza ngalolo suku abagawuli bemithi nabakhi bamanzi kuyo inhlangano nakulo i-altare likaJehova kuze kube namuhla endaweni abeyakuyikhetha.


Base bebenzela inkatho; yadla uMathiya; wabalwa kanye nabaphostoli abayishumi nanye.


“Wothabatha impuphu ecolekileyo, upheke ngayo amaqebelengwane ayishumi nambili, iqebelengwane linye libe nokweshumi okubili.


Wowabeka izinqwaba ezimbili, ayisithupha abe senqwabeni inye etafuleni elicwengekileyo phambi kukaJehova.


“Yala abantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Umnikelo wami, isinkwa sami seminikelo yami yomlilo yephunga elimnandi kimi, niyakuqaphela ukunikela ngawo kimi ngesikhathi sawo.’


USolomoni wathumela kuHiramu inkosi yaseTire, wathi: “Njengalokho wakwenza kuDavide ubaba, wathuma kuye imisedari,* azakhele ngayo indlu ukuba ahlale kuyo, yenze njalo nakimi.


nangasemuva umnikelo oshiswa imihla yonke, neyokwethwasa kwenyanga, neyemikhosi yonke emisiweyo kaJehova eyayingcwelisiwe, neyabo bonke abanikela ngenhliziyo ngeminikelo yesihle kuJehova.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite