Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 10:32 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

32 Futhi sazimisela umthetho wokuba sithele inxenye yesithathu yeshekeli* ngomnyaka, ibe ngeyomsebenzi wendlu kaNkulunkulu wethu,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

32 “Siyazibophezela ukuthi njalo ngonyaka, siyonikela ingxenye yesithathu yeshekeli, ibe ngeyomsebenzi wendlu kaNkulunkulu wethu,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

32 Futhi sazenzela iziqondiso zokuthi sikhokhe ingxenye yesithathu yeshekeli minyaka yonke enkonzweni yendlu kaNkulunkulu wethu;

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 10:32
12 Referans Kwoze  

naleli tshe engilimise libe yinsika liyakuba yindlu kaNkulunkulu, nakukho konke oyakungipha khona ngiyakukunika okweshumi.”


Ngokuba uma uthando lukhona, kwamukeleka njengalokho umuntu anakho, kungenjengalokho angenakho.


Dumisa uJehova ngempahla yakho, nangolibo lwazo zonke izithelo zakho,


kepha ngomnyaka wesikhombisa uyakuliyeka libe yifusi ukuba abampofu babantu bakho badle; abakushiyayo makudliwe yizilwane zasendle; wenze njalo nangesivini sakho nangeminqumo yakho.


Empini nasempangweni bakungcwelisela ukulungisa indlu kaJehova,


Nami nabafowethu nezinceku zethu sibatsheleke imali namabele. Ake siyeke ukubiza le nzalo.


wabazisa isabatha lakho elingcwele, wabayala ngemiyalo, nangezimiso, nangomthetho ngesandla sikaMose inceku yakho;


Ngalezo zinsuku ngabona kwaJuda abanyathela izikhamo zewayini ngesabatha nabaletha izithungu zamabele, bethwesa izimbongolo, newayini, nezithelo zewayini, namakhiwane, nemithwalo yonke, bekungenisa eJerusalema ngosuku lwesabatha; ngabaxwayisa ngosuku abathengisa ngalo lokho kudla.


Abenzanga kanjalo oyihlo, noNkulunkulu wenu akehliselanga yini phezu kwenu konke lokho okubi, naphezu kwalo muzi, na? Nokho nina niyenezela intukuthelo phezu kuka-Israyeli ngokulona isabatha.”


Ngabaxwayisa, ngathi kubo: “Nilalelani malungana noganga na? Uma niphinda, ngiyakubeka isandla sami kini.” Kusukela kuleso sikhathi abafikanga ngesabatha.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite