Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 10:30 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

30 ukuba singabaniki abantu bezwe amadodakazi ethu, singathatheli amadodana ethu amadodakazi abo,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

30 “Asiyukubaganisela abezizwe amadodakazi ethu, futhi ngeke siwathathele amadodana ethu abafazi kubo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

30 futhi singabaniki amadodakazi ethu kubantu bezwe futhi singathatheli amadodana ethu amadodakazi abo.

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 10:30
15 Referans Kwoze  

ungaganiselani nazo, ungayiniki indodana yakhe indodakazi yakho, ungathatheli indodana yakho indodakazi yakhe.


uthathele amadodana akho amadodakazi abo, amadodakazi abo aye aphinge nawonkulunkulu babo, enze ukuba amadodana akho aye aphinge nawonkulunkulu babo.


Futhi ngalezo zinsuku ngabona abaJuda ababezithathele abesifazane base-Ashidodi, nabakwa-Amoni, nabakwaMowabi.


Ngabasola ngalokho, ngabathuka, ngashaya abanye abantu, ngabahluthula izinwele, ngabafungisa uNkulunkulu, ngathi: “Ninganiki amadodana abo amadodakazi enu, ningathatheli amadodana enu amadodakazi abo.


Ngase ngibahlambulula kukho konke okwabezizwe, nganquma izimfanelo zabapristi namaLevi, kwaba yilowo nalowo emsebenzini wakhe,


nezingane zenu, nawomkenu, nomfokazi ophakathi kwamakamu* akho, kusukela kumgawuli wemithi kuze kufike kumukhi wamanzi,


Inkosi yema ngasensikeni, yenza isivumelwano phambi kukaJehova ukumlandela uJehova nokugcina imiyalo yakhe, nobufakazi bakhe, nezimiso zakhe ngenhliziyo yonke nangomphefumulo wonke ukuqinisa amazwi alesi sivumelwano alotshwe kule ncwadi; bonke abantu basivuma isivumelwano.


Kwakungekho nkosi phambi kwakhe eyaphendukela kuJehova ngayo yonke inhliziyo yayo nangawo onke amandla ayo njengawo wonke umthetho kaMose, nangasemva kwakhe akuvelanga enjengaye.


Inkosi yema endaweni yayo, yenza isivumelwano phambi kukaJehova ukumlandela uJehova nokugcina imiyalo yakhe, nobufakazi bakhe, nezimiso zakhe ngayo yonke inhliziyo yayo nangawo wonke umphefumulo wayo ukuba iwenze amazwi esivumelwano ayelotshwe kule ncwadi.


Base bethi: “Sizakubuyisela kubo, singabizi lutho kubo; sizakwenza njengokusho kwakho.” Ngase ngibiza abapristi, ngabafungisa ukuba benze njengalelo zwi.


Abanamathelisa nampa: uNehemiya umbusi, indodana kaHakaliya, noSedekiya,


Ngifungile; ukulonda izahlulelo zakho ezilungileyo ngakugcina.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite