Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 1:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 kepha uma nibuyela kimi, nigcine imiyalo yami, niyenze, noma abaxoshiweyo benu bebe semajukujukwini ezulu, ngiyakubabutha lapho nokho, ngibayise endaweni engiyikhethe ukubeka igama lami kuyo.’

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 kodwa uma nibuyela kimi, nibuye nigcine imithetho yami, nenze enganiyala ngakho, ngiyoniqoqa lapho nikhona, nginibuyisele endaweni engayiqokela ukuba iGama lami lihlale kuyo, ngisho noma ngabe nisemikhawulweni yomhlaba.’

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Kodwa uma niphenduka kimi futhi nigcina imiyalelo yami futhi niyenze; noma babekhona abanye kini abaxoshwa kwaze kwaba sekugcineni kwezulu, nokho ngiyakubabutha lapho, ngibayise endaweni engiyikhethile ukuba ngimise igama lami khona.

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 1:9
28 Referans Kwoze  

Bheka, ngiyakubabutha emazweni onke lapho ngibaxoshele khona ngentukuthelo yami, nangokufutheka kwami, nangolaka olukhulu, ngibabuyisele kule ndawo, ngibenze ukuba bahlale belondekile,


Iyakuthuma izingelosi zayo ngokukhala okukhulu kwecilongo, ziqoqe abakhethiweyo bayo emimoyeni yomine, kusukela emkhawulweni omunye wezulu kuze kube komunye.


Kepha kuyakuthi lapho ngibasiphulile, ngibuye ngibahawukele, ngibabuyisele, kube yilowo nalowo efeni lakhe, kube yilowo nalowo ezweni lakubo.


INkosi uJehova ebutha abaxoshiweyo bakwa-Israyeli ithi: “Ngisezakubuthela kuye nabanye ngaphandle kwabase bebuthiwe.”


UJehova uyalakha iJerusalema; abaxoshiweyo bakwa-Israyeli uyababutha.


uNkulunkulu ohlalise khona igama lakhe awise phansi onke amakhosi nabantu abayakwelula izandla zabo ukuba baguqule lokho, bachithe le ndlu kaNkulunkulu eseJerusalema. Mina Dariyu ngikhiphe isimemezelo; masenziwe ngaso sonke isineke.”


Kodwa indawo uJehova uNkulunkulu wenu ayakuyikhetha kuzo zonke izizwe zenu ukuba abeke igama lakhe kuyo, leyo ndlu yakhe niyakuyifuna, nize kuyo,


“ ‘Ngiyakunithabatha ezizweni, nginibuthe emazweni onke, nginiyise ezweni lakini.


“Zwanini izwi likaJehova nina zizwe, nilimemeze eziqhingini ezikude, nithi: ‘Owamhlakaza u-Israyeli uyakumbutha amlondoloze njengomalusi umhlambi wakhe.’


Iyakuphakamisela abezizwe ibhandela,* ibuthe abaxoshiweyo bakwa-Israyeli, iqoqe abahlakazekileyo bakwaJuda emagumbini omane omhlaba.


Sisindise, Jehova Nkulunkulu wethu, sibuthe kwabezizwe ukuba sidumise igama lakho elingcwele, sethabe ekukudumiseni.


UJehova wathi kuye: “Ngiwuzwile umkhuleko wakho nokunxusa kwakho onxuse ngakho phambi kwami; ngiyingcwelisile le ndlu oyakhileyo ukuba ngibeke khona igama lami kuze kube phakade; amehlo ami nenhliziyo yami kuyakuba khona izinsuku zonke.


“Buyani, bantwana abahlehlayo,” usho uJehova, “ngokuba ngingumyeni wenu, nginithabathe, abe munye emzini, babe babili emndenini, nginiyise eSiyoni,


Thanini: “Sisindise, Nkulunkulu wokusindiswa kwethu, usibuthe, usophule kwabezizwe ukuba sidumise igama lakho elingcwele, sethabe ekukudumiseni.”


Uma indawo uJehova uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha ukuba abeke kuyo igama lakhe ikude nawe, uyakuhlaba emhlambini wakho nasezimvini zakho akunike khona uJehova, njengalokho ngakuyala, udle phakathi kwamasango akho njengesifiso somphefumulo wakho.


uma bephendukela kuwe ngayo yonke inhliziyo yabo nangawo wonke umphefumulo wabo ezweni lezitha zabo ezabathumba, bakhuleke kuwe bebhekene nezwe lakubo owalinika oyise, umuzi owukhethileyo, nendlu engiyakhele igama lakho,


wababutha emazweni, empumalanga nasentshonalanga, enyakatho naselwandle.


Kuyakuthi ngalolo suku uJehova avuthuze ezikhwetshini zasemfuleni kuze kube semfuleni waseGibithe, nibuthwe abanye ngabanye nina bantwana bakwa-Israyeli.


Usho kanje uJehova, uthi: “Bheka, kuvela abantu ezweni elisenyakatho; isizwe esikhulu siyakuvuswa ekugcineni komhlaba.


“Ngalokho yisho kuyo indlu yakwa-Israyeli, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Phendukani, nibuye ezithombeni zenu, nifulathele zonke izinengiso zenu.


“ ‘Uma nihamba ngezimiso zami, nigcine imiyalo yami, niyenze,


“Kuyakuthi lapho zonke lezi zinto sezikwehlele, isibusiso nesiqalekiso, engizibekile phambi kwakho, uzindle ngazo enhliziyweni yakho phakathi kwezizwe lapho uJehova uNkulunkulu wakho ekuxoshele khona,


Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Bhekani, ngiyakusindisa abantu bami ezweni lasempumalanga nasezweni lasentshonalanga,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite