Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 1:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 “Bayizinceku zakho nabantu bakho obahlengile ngamandla akho amakhulu nangesandla sakho esiqinileyo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 “Bayizinceku zakho nabantu bakho owabophula ngamandla akho amakhulu nangesandla sakho esinamandla.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Laba sebeyizinceku zakho nabantu bakho obahlengile ngamandla akho amakhulu nangesandla sakho esinamandla.

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 1:10
17 Referans Kwoze  

Nokho bangabantu bakho nefa lakho owalikhipha ngamandla akho amakhulu nangengalo yakho eyeluliweyo.’


UMose wamshweleza uJehova uNkulunkulu wakhe, wathi: “Jehova, ulaka lwakho lubavuthelelani abantu bakho owabakhuphula ezweni laseGibithe ngamandla amakhulu nangesandla esiqinileyo na?


Ungathukutheli kakhulu, Jehova, ungakhumbuli njalo ububi. Bheka, mawubone ukuthi sonke singabantu bakho.


ngesandla esinamandla nangengalo eyeluliweyo, ngokuba umusa wakhe umi phakade;


Khumbula ibandla lakho owalizuza endulo, owalikhulula ukuba libe yisifunda sefa lakho, nentaba yaseSiyoni ohlala kuyo.


Uyakukhumbula ukuthi wawuyisigqila ezweni laseGibithe nokuthi uJehova uNkulunkulu wakho wakuhlenga; ngalokho ngiyakuyala ngale nto namuhla.


“Ngomusa wakho wabahola abantu obahlengileyo; ngamandla akho wabayisa endlini yakho engcwele.


Kuyakuba luphawu kuwe esandleni sakho, kube yisikhumbuzo phakathi kwamehlo akho, ukuze umthetho kaJehova ube semlonyeni wakho, ngokuba ngesandla esinamandla uJehova wakukhipha eGibithe.


UJehova wathi kuMose: “Manje usuzakubona lokho engiyakukwenza kuFaro, ngokuba ngenxa yesandla esiqinileyo uyakubayeka ukuba bahambe, nangenxa yesandla esinamandla uyakubaxosha ezweni lakhe.”


“Ngalokho yisho kubantwana bakwa-Israyeli ukuthi: ‘NginguJehova; ngizakunikhipha emithwalweni yabaseGibithe, nginikhulule ebugqileni benu, nginihlenge ngengalo eyeluliweyo nangezahlulelo ezinkulu.


Ngiyakunithatha nibe yisizwe sami, mina ngibe nguNkulunkulu wenu; niyokwazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu onikhipha emithwalweni yabaseGibithe.


UMose wayesethi kubantu: “Khumbulani lolu suku eniphume ngalo eGibithe, indlu yobugqila, ngokuba ngesandla esinamandla uJehova unikhiphile kule ndawo: akuyikudliwa sinkwa esivutshelweyo.


“Kuyakuthi lapho indodana yakho ikubuza ngesikhathi esizayo, ithi: ‘Kuyini lokhu?’ wothi kuyo: ‘Ngesandla esinamandla uJehova wasikhipha eGibithe, indlu yobugqila.


Kuyakuba luphawu esandleni sakho nesikhumbuzo phakathi kwamehlo akho, ngokuba ngesandla esinamandla uJehova wasikhipha eGibithe.”


Ukulunga nokwahlulela kuyisisekelo sesihlalo sakho sobukhosi; umusa neqiniso kuyahamba phambi kobuso bakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite