Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 1:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Amazwi kaNehemiya indodana kaHakaliya. Kwathi ngenyanga kaKhisilevi, ngomnyaka wamashumi amabili ngisendlini yenkosi yaseShushani,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Nanka amazwi kaNehemiya, indodana kaHakaliya. Ngenyanga uKhisilevi, ngonyaka wama-20, ngiseShushani inhlokomuzi,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Amazwi kaNehemiya indodana kaHagaliya. Kwathi ngenyanga kaKislewu, ngomnyaka wamashumi amabili, ngisesigodlweni uSusan,

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 1:1
9 Referans Kwoze  

Kwathi ngomnyaka wesine wenkosi uDariyu izwi likaJehova lafika kuZakariya ngolwesine lwenyanga eyisishiyagalolunye, ekaKhisilevi.


Abanamathelisa nampa: uNehemiya umbusi, indodana kaHakaliya, noSedekiya,


yebo, ngaleyo mihla lapho inkosi u-Ahashiveroshi ihlezi esihlalweni sobukhosi sombuso wayo, esasiseShushani endlini yenkosi,


Ngabona embonweni; kwase kuthi ekuboneni kwami ngangiseShushani endlini yenkosi esifundeni sase-Elamu; ngabona-ke embonweni, ngangisemfuleni i-Ulayi.


Kwakhuphuka nabanye abantwana bakwa-Israyeli, nabapristi, namaLevi, nabahlabeleli, nabalindisango, namaNethini,* baya eJerusalema ngomnyaka wesikhombisa ka-Aritahishashita inkosi.


Izigijimi zashesha zahamba ngezwi lenkosi. Umthetho washaywa eShushani endlini yenkosi; inkosi noHamani bahlala phansi, baphuza, kepha umuzi waseShushani wakhungatheka.


Kwathi ngenyanga kaNisani ngomnyaka wamashumi amabili ka-Aritahishashita inkosi, iwayini liphambi kwakhe, ngaliphakamisa iwayini, ngalinika inkosi. Ngangingazange ngibiphe phambi kwayo.


Bonke abantu bakwaJuda nabakwaBenjamini babuthana eJerusalema ngezinsuku ezintathu; kwakuyinyanga yesishiyagalolunye, ngolwamashumi amabili lwenyanga; bonke abantu bahlala esigcawini ngaphambi kwendlu kaNkulunkulu bethuthumela ngale ndaba nangemvula enkulu.


Futhi kusukela osukwini engamiswa ngalo ukuba ngibe ngumbusi wabo ezweni lakwaJuda, kwasemnyakeni wamashumi amabili kuze kube semnyakeni wamashumi amathathu nambili ka-Aritahishashita inkosi, iminyaka eyishumi nabili, mina nabafowethu asidlanga isinkwa sombusi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite