Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNahume 3:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 ngabamahhashi abasukelayo, nenkemba enjengelangabi, nomkhonto onyazimayo, abaningi ababuleweyo nenqwaba yezidumbu, kungekho ukuphela kwezidikadika; bakhubeka ngezidikadika zabo,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Abagibeli bamahhashi bayawagadulisa, kumenyezela inkemba, kunyazime ukhonto, baningi ababuleweyo nezindumbu ezidindilizile, akukho ukuphela kwezidumbu; abantu bayakhubeka ngezidumbu zabo,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Umgadi wehhashi uphakamisa inkemba ekhazimulayo kanye nomkhonto ocwebezelayo, futhi kukhona uquqaba lwababulewe nenani elikhulu lezidumbu; nezidumbu zabo azipheli; bakhubeka phezu kwezidumbu zabo;

Gade chapit la Kopi




UNahume 3:3
10 Referans Kwoze  

Ilanga nenyanga kwema endaweni yakho ngokukhanya kwemicibisholo yakho egijimayo nangokubengezela kwemikhonto yakho ecwebezelayo.


Uyakuwa ezintabeni zakwa-Israyeli, wena namaviyo akho onke, nabantu abanawe, ngikunikele ezinyonini eziyoculayo zezinhlobo zonke nasezilwaneni zasendle ukuba udliwe.


Kwaphuma ingelosi kaJehova, yabulala ekamu* labase-Asiriya abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisishiyagalombili nanhlanu; sekuvukwa ngakusasa, bheka, kwakuyizidumbu ezifileyo zodwa.


Ababuleweyo bazo balahliwe, nokunuka kuyenyuka ezidunjini zabo; izintaba zincibilika ngegazi labo.


Izinqola ziyahlanya ezitaladini, ziyaficana ezigcawini; ukubonakala kwazo kunjengezimbaqa, zigijima njengemibani.


Kwathi ngalobo busuku kwaphuma ingelosi kaJehova, yabulala ekamu* labase-Asiriya abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayishiyagalombili nanhlanu; sekuvukwa ngakusasa, bheka, kwakuyizidumbu zodwa ezifileyo.


Wamxosha u-Adamu, wabeka ngasempumalanga kwensimu yase-Edene amakherubi* kanye nenkemba yelangabi ephenduphendukayo, ilinde indlela eya emthini wokuphila.


Bayakukhubeka, omunye phezu komunye, kungathi kuphambi kwenkemba, bengaxoshwa muntu; aniyikuba namandla okuma phambi kwezitha zenu.


Ngokuba uJehova uyakwahlulela inyama yonke ngomlilo nangenkemba; ababulawayo nguJehova bayakuba baningi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite