Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNahume 3:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Bheka, abantu bakho phakathi kwakho bangabesifazane nje; amasango ezwe lakho avulekele impela izitha zakho, umlilo udlile imigoqo yakho.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

13 Bheka nje, abantu bakho onabo bangamanina. Amasango ezwe lakho avulekele izitha zakho, umlilo uyakungqongqisa imigoqo yakho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Bheka, abantu bakho phakathi kwakho bangabesifazane; amasango ezwe lakho ayovulelwa kakhulu izitha zakho; umlilo uyodla izingidi zakho.

Gade chapit la Kopi




UNahume 3:13
11 Referans Kwoze  

Amaqhawe aseBabele ayekile ukulwa, ahlala ezinqabeni zawo; amandla awo aphelile, anjengabesifazane; izindlu zalo zishisiwe, imigoqo yalo yaphuliwe.


Ngalolo suku iGibithe liyakuba njengabesifazane, lithuthumele, lesabe ukunikina kwesandla sikaJehova Sebawoti asinikina phezu kwalo.


Amasango emifula ayavulwa, indlu yamakhosi iyancibilika.


Inkemba ifike phezu kwamahhashi alo, naphezu kwezinqola zalo, naphezu kwayo yonke ingxubevange yabantu ephakathi kwalo, babe njengabesifazane; inkemba ifike phezu kwengcebo yalo, ize iphangwe.


Ngokuba uqinisile imigoqo yamasango; ubusisile abantwana bakho phakathi kwakho.


Ngokuba waphulile amasango ethusi, wanquma imigoqo yensimbi.


Inkemba ifike phezu kwabaprofethi bamanga, babe yiziwula, inkemba ifike phezu kwamaqhawe alo, aphele amandla.


Lapho umlilo uyakukuqeda, inkemba ikunqume, ikudle njengenkasa; zandise njengenkasa, zandise njengesikhonyane!


Amaqhawe akho, Themani, ayakuphela amandla, ukuze yilowo nalowo anqunywe entabeni yakwa-Esawu ngokubulawa.


Kunqunyiwe: liyambulwa, lisuswe; izincekukazi zalo zibubula ngezwi lamajuba, zibetha phezu kwezinhliziyo zazo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite