Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNahume 2:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Kepha iNineve linjengechibi lamanzi kwasendulo, nokho bayabaleka. “Yimani, yimani!” Kepha akakho ophendukayo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 Kepha iNineve lifana nechibi lamanzi kusukela ezinsukwini zalo, nokho bayabaleka. Yimani, yimani! Kodwa akukho namunye ophendukayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Kodwa iNineve linjengechibi lasendulo, kodwa bayobaleka. Yimani, yimani, bakhale; kodwa akekho oyobheka emuva.

Gade chapit la Kopi




UNahume 2:8
15 Referans Kwoze  

Yayisithi kimi: “Amanzi owabonayo, lapho sihlezi khona isifebe, angabantu, nezixuku, nezizwe, nezilimi.


Kwase kuza enye yezingelosi eziyisikhombisa ezazinezitsha eziyisikhombisa, yakhuluma nami, yathi: “Woza lapha, ngikutshengise ukwahlulelwa kwesifebe esikhulu esihlezi phezu kwamanzi amaningi,


Izikhulu zakho zinjengezinkumbi, nezinduna zakho zinjengamaqulo esikhonyane esihlezi phakathi kwezingange ngosuku olumakhaza, kepha lapho liphuma ilanga, sindize simuke, ingabe isaziwa indawo yaso ukuthi iphi.


Amaqhawe aseBabele ayekile ukulwa, ahlala ezinqabeni zawo; amandla awo aphelile, anjengabesifazane; izindlu zalo zishisiwe, imigoqo yalo yaphuliwe.


Nqumani umhlwanyeli eBabele nobamba isikela ngesikhathi sokuvuna; ngenxa yenkemba ecindezelayo yilowo nalowo uyakubheka abantu bakhe, yilowo nalowo abalekele ezweni lakubo.


Ngikuboneleni na? Baphelile amandla, babuyele emuva. Amaqhawe abo anqotshiwe, ayabaleka nokubaleka engabheki emuva; luvalo nxazonke,” usho uJehova.


Phumani eBabele, nibalekele amaKaledi, nimemezele lokhu ngezwi lokujabula, nikuzwakalise lokhu, nikuphumisele nasemikhawulweni yomhlaba, ngokuthi: “UJehova uhlengile inceku yakhe uJakobe.”


Ukhathele ngobuningi bamacebo akho; mabasukume, bakusindise abadabula izulu, nababheka izinkanyezi, nabazisa ngezinyanga ezintsha ukuthi kuphi lapho kuzakuvela khona lokhu okuzakukwehlela.


Kuyakuthi njengensephe exoshwayo nezimvu ezingaqoqwa muntu, baphendukele, kube yilowo nalowo kubantu bakubo, babalekele, kube yilowo ezweni lakubo.


Waphuma kulelo zwe, waya e-Asiriya, wakha iNineve, neRehoboti-Ire, neKhala,


Wena ohlala ngasemanzini amakhulu, nonengcebo eningi, sekufikile ukugcina kwakho, isilinganiso sokuhaha kwakho.


Ngomsindo wokudubhuza kwezinselo zamahhashi akhe anamandla, nangokuduma kwezinqola zakhe, nangodumo lwamasondo akhe oyise ababheki emuva kubantwana ngenxa yobuthakathaka bezandla zabo


Isiprofetho ngeNineve, incwadi yombono kaNahume wase-Elikoshi.


Ngatshiyozisa okwenkonjane, ngaliliselisa okwejuba; amehlo ami aphela ngokubheka phezulu; Nkosi, ngiyacindezelwa; yiba yisibambiso sami.”


Siyagwavuma sonke njengamabhere,* siyalilisela nokulilisela njengamajuba; silindela ukwahlulela, kepha akukho, nokusindiswa, kepha kukude nathi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite