Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNahume 2:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Izinqola ziyahlanya ezitaladini, ziyaficana ezigcawini; ukubonakala kwazo kunjengezimbaqa, zigijima njengemibani.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 Izinqola zenza njengezinhlanya emigwaqweni, zigijima ziya le nale; ukubonakala kwazo kunjengezibani, zigijima ziphambana njengemibani.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Izinqola ziyakuhlokoma emigwaqweni, zime ziqonde, enye ibhekane ezindleleni ezibanzi; zibukeka njengezimbaqa, zigijima njengombani.

Gade chapit la Kopi




UNahume 2:4
10 Referans Kwoze  

Bhekani, uyakhuphuka njengamafu, izinqola zakhe zinjengesivunguvungu, amahhashi akhe anejubane kunezinkozi. Maye kithina, ngokuba sichithiwe!


Ngenxa yobuningi bamahhashi akhe ibhuqu lawo liyakukusibekela, izingange zakho zizamazame ngomdumo wabamahhashi, nowokunamasondo, nowezinqola, lapho engena esangweni lakho njengalokhu kungenwa emzini ofohliweyo.


Ngokuba bheka, uJehova uyakufika ngomlilo, izinqola zakhe zibe njengesivunguvungu, ukubuyisela intukuthelo yakhe ngokufutheka nokukhuza kwakhe ngamalangabi omlilo.


“Ngesikhathi sokuphela inkosi yaseningizimu iyakuqhubukushana nayo; inkosi yasenyakatho isiyakuvunguzela yona ngezinqola, nangabamahhashi, nangemikhumbi eminingi, ingene emazweni amaningi, ikhukhule, idlule.


Ngesandla sezinceku zakho uyijivazile iNkosi, wathi: ‘Ngobuningi bezinqola zami ngenyuke mina phezulu ezintabeni ngaphakathi kweLebanoni; ngigawula imisedari* yalo emide nemisayipuresi* yalo ekhethekileyo ngangena ekuphakameni kwalo kokugcina nasehlathini lalo eliminyeneyo.


Yenyukani, mahhashi, nihlanye, zinqola, aphume amaqhawe: oKushe noPhuthi ababambe izihlangu, namaLudi abambe ensala umnsalo.


Bayakufika kuwe benezikhali, nezinqola, nokunamasondo, nesixuku sabantu, bazihlelele wena benamahawu, nezihlangu, nezigqoko nxazonke, nginikele kubo ukwahlulela, bakwahlulele njengezahlulelo zabo.


“Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngiyakuyisa eTire uNebukadinesari inkosi yaseBabele, evela enyakatho, eyinkosi yamakhosi, enamahhashi, nezinqola, nabamahhashi, nesixuku sabantu abaningi.


Akesatshiswa ngabendlu yakhe ngungqoqwane; ngokuba bonke abendlu yakhe bembathiswa okubomvu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite