Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNahume 2:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Uphi umphandu wezingonyama, nedlelo lamabhongo ezingonyama, lapho kwahamba ingonyama nengonyamakazi nebhongo lengonyama, kungekho okwesabisayo na?

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 Uphi umphandu wezingonyama, nedlelo lamawundlu ezingonyama, lapho kwahamba khona ingonyama nengonyakazi newundlu lengonyama, lapho kungekho khona okwesabisayo na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Iphi indawo yokuhlala yezingonyama nedlelo lamabhongo ezingonyama, lapho kwahamba khona ingonyama, yebo, nebhongo lengonyama, newundlu lengonyama, kungekho obesabisa na?

Gade chapit la Kopi




UNahume 2:11
17 Referans Kwoze  

Ukubhonga kwabo kunjengokwengonyamakazi, bayakubhonga njengamabhongo ebhubesi, yebo, bayakugwavuma, babambe impango yabo, bamuke nayo, kungekho oyophulayo.


Amabhongo ezingonyama abhongile phezu kwakhe, akhonya, alenza izwe lakhe laba yincithakalo; imizi yakhe ishisiwe, kungekho owakhe kuyo.


Izikhulu zawo phakathi kwawo ziyizingonyama ezibhongayo; abahluleli bawo bayizimpisi zokuhlwa; abashiyeli lutho ingomuso.


Wo kumuzi wezingazi! Wonke ugcwele amanga nempango, ukuphanga akupheli.


Bheka, njengengonyama ekhuphuka ezihlahleni zaseJordani, iye endaweni eyinqaba, ngiyakubazuma, ngibagijimise, basuke kuyo; nobani okhethwayo ngiyakumbeka phezu kwabo, ngokuba ngubani onjengami, ngubani onginqumelayo, ngumuphi umalusi oyakuma phambi kwami, na?”


“U-Israyeli uyimvu ezingelwayo; izingonyama zimxoshile. Kuqala wadliwa yinkosi yase-Asiriya, nangasemuva uNebukadinesari lo, inkosi yaseBabele, ugedlile amathambo akhe.”


Ingonyama ikhuphukile esihlahleni sayo, umchithi wezizwe uyeza; uphumile endaweni yakhe ukuba ulenze izwe lakho libe yincithakalo, ichithwe imizi yakho, kungabikho ohlala kuyo.


Ngokuba usho kanje kimi uJehova, uthi: “Njengengonyama ebhongayo, ibhongo lengonyama phezu kwempango yalo, lapho abelusi abaningi belibizelwe, aliyikwesaba izwi labo, lingazithobi ngomsindo wabo, kanjalo uJehova Sebawoti uyakwehla ukuba alwe entabeni yaseSiyoni nasegqumeni layo.


UJuda uyibhongo lengonyama. Wenyuke empangweni, ndodana yami. Uguqile, ulele njengengonyama nanjengengonyamakazi; ngubani oyakumvusa na?


Bheka, abantu bavuka njengengonyamakazi, nanjengengonyama bayaziphakamisa; abayikulala phansi, bengakayidli impango, baphuze igazi lababuleweyo.”


“Ndodana yomuntu, yenza isililiselo ngoFaro inkosi yaseGibithe, uthi kuye: “ ‘Wazifanisa nebhongo lengonyama phakathi kwezizwe, kepha unjengodrako* elwandle, lapho ufohlela emifudlaneni yakho, unyakazisa amanzi ngasezinyaweni zakho, udunga izikhukhula zawo.


Bayakuchitha izwe lase-Asiriya ngenkemba, nezwe lakwaNimrode ezintubeni zalo, asophule kumAsiriya, lapho engena ezweni lakithi, nalapho enyathela emikhawulweni yethu.


Ingonyama yadwengula okwanele amabhongo ayo, yabindela izingonyamakazi zayo; yagcwalisa imiphandu yayo ngempango nemigede yayo ngengcugco.


Ngalokho izandla zonke ziyadangala, nezinhliziyo zonke ziyaphela amandla.


Phambi kwabo abantu bayathuthumela, bonke ubuso buyaphaphatheka.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite