Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNahume 2:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Liyize, alisenalutho, lichithekile; inhliziyo iyancibilika, amadolo ayashayana, imihelo isezinkalweni zonke, nobuso babo bonke buphaphathekile.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 Alisenalutho, kukhala ibhungane, futhi liyincithakalo, inhliziyo iyancibilika, kushayana amadolo, izinhlungu zikhungethe lonke ukhalo, nobuso babo bonke buphaphathekile.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Alinalutho futhi alinalutho futhi liyathuthumela, futhi inhliziyo iyancibilika, namadolo ayashayana, futhi ubuhlungu obukhulu bukuzo zonke izinkalo, nobuso babo bonke bumnyama.

Gade chapit la Kopi




UNahume 2:10
24 Referans Kwoze  

Ngichithiwe njengamanzi; onke amathambo ami enyele; inhliziyo yami injengengcina, incibilikile phakathi kwezibilini zami.


Phambi kwabo abantu bayathuthumela, bonke ubuso buyaphaphatheka.


Kwase kuguquka ukucwebezela kwayo, nemicabango yayo yayesabisa, zaxhega izinyonga zokhalo lwayo, namadolo ayo ashayana.


Ake nibuze, nibone, uma owesilisa wake wabeletha na? Ngibonelani onke amadoda enezandla zawo ezinkalweni njengobelethayo, ubuso bonke buphaphathekile, na?


Bheka, uJehova wenza ize umhlaba, awuchithe, agumbuqele ubuso bawo, ahlakaze abakhileyo kuwo.


Ngalokho ukhalo lwami lugcwele imihelo; inkwantshu ingibambile njengenkwantshu yobelethayo; ngikhonkobele ukuba ngingezwa, ngiphele amandla ukuba ngingaboni.


“Nginqumile izizwe, imibhoshongo yazo yasezingosini ichithekile; ngichithile izitaladi zazo ukuze kungadluli muntu; imizi yazo iqothuliwe ukuze kungabikho muntu, kungabikho ohlala kuyo.


Kuyakuthi bonke abakubonayo bakubalekele, bathi: ‘INineve lichithekile, ngubani oyakulililela na?’ Ngiyakukufunelaphi abaduduzi na?”


uthi: ‘Jehova, wena ukhulumile ngale ndawo ukuba uyinqume ukuze kungabikho muntu ohlala kuyo, umuntu nasilwane, ngokuba iyakuba yihlane kuze kube phakade.’


“Ngiyakulenza libe yifa likanondwebu namachibi amanzi, ngilishanele ngomshanelo wencithakalo,” usho uJehova Sebawoti.


Sathi sikuzwa lokho, izinhliziyo zethu zaphela amandla, akwabe kusabakho sibindi kumuntu phambi kwenu, ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu unguNkulunkulu ezulwini phezulu nasemhlabeni phansi.


Umhlaba wawuyihlane elingenalutho; kwakungubumnyama phezu kotwa, kepha uMoya kaNkulunkulu wehla wenyuka phezu kwamanzi.


Amadoda ase-Ayi abulala abantu abangamashumi amathathu nesithupha, abaxosha esuka phambi kwesango aze afika eShebarimi, ababulala emthambekeni; izinhliziyo zabantu zaphela amandla, zaba njengamanzi.


Ngokulimala kwendodakazi yabantu bami ngilimele; ngidabukile, ukumangala kungibambile.


NgeDamaseku. “IHamati ne-Aripadi kujabhile, ngokuba kuzwile imibiko emibi, kuphela amandla. Kuyahlupheka njengolwandle, akunakuthula.


Kuyakuthi lapho besho kuwe ukuthi: ‘Ububulelani wena na?’ uthi: ‘Ngenxa yombiko, ngokuba lapho ufika, izinhliziyo zonke ziyakuphela amandla, izandla zonke zidangale, kuhlwe emimoyeni yonke, amadolo onke abe buthakathaka njengamanzi.’ Bheka, kuyeza, futhi kuyakwenzeka, isho iNkosi uJehova.”


“ ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngosuku owehlela ngalo endaweni yabafileyo ngalwenza utwa ukuba lulile, ngalusibekela, ngavimba imifula yalo, namanzi amaningi avalelwa; ngalenza iLebanoni libe mnyama ngenxa yawo; imithi yonke yasendle yadangala ngenxa yawo.


Ngokuba uJehova uyabuyisa ukuphakama kukaJakobe njengokuphakama kuka-Israyeli, lokhu abathululayo bebathululile, bachitha amagatsha emivini yabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite