Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNahume 2:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Kukhuphukela umchithi kuwe; gcina inqaba, ulinde indlela, uqinise izinkalo zakho, uwenze amandla akho ukuba aqine.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Lowo ocekela phansi uzokuhlasela, qapha inqaba, ubheke emgwaqweni, uqinise ukhalo, uqinise izikhwepha ngokwedlulele.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ochobozayo ukhuphukele phambi kwakho; londa izikhali, linda indlela, qinisa izinkalo zakho, uqinise amandla akho kakhulu.

Gade chapit la Kopi




UNahume 2:1
14 Referans Kwoze  

kepha noma kuhamba wena, ukwenza, uziqinisela impi; uNkulunkulu uyakukuwisa phansi ebusweni bezitha. Ngokuba uNkulunkulu unamandla okuwisa phansi nokusiza.”


Yeka ukunqunywa nokuchithwa kwesando somhlaba wonke, yeka ukwenziwa kweBabele incithakalo phakathi kwezizwe!


eyashaya abantu ngentukuthelo ngokushaya okunganqamukiyo, eyabusa izizwe ngolaka ngokuzingela okunganqandwanga.


bheka, ngiyakuthumela, ngilande yonke imindeni yasenyakatho,” usho uJehova, “noNebukadinesari, inkosi yaseBabele, inceku yami, ngibehlisele phezu kwaleli zwe nabakhileyo kulo, naphezu kwazo zonke lezi zizwe nxazonke, ngibaqalekise, ngibenze babe yisimangaliso nento encimfelwayo, nencithakalo ephakade.


Nikela kuNkulunkulu umnikelo wokubonga, uzigcwalise izithembiso zakho koPhezukonke;


Wena ozwayo imikhuleko, beza kuwe bonke abantu.


Isixuku sezizwe zonke ezisukela i-Ariyeli,* ezisukela lona kanye nenqaba yalo, nezilicindezelayo, siyakuba njengephupho nombono wasebusuku.


Kuyakuba njengolambileyo ephupha ukuthi uyadla, kepha evuka usenephango, noma njengowomileyo ephupha ukuthi uyaphuza, kepha evuka uyethile, womile; siyakuba njalo isixuku sezizwe zonke ezisukela intaba yaseSiyoni.


Zimnandi kangakanani ezintabeni izinyawo zoletha izindaba ezinhle, nomemezela ukuthula, obika izindaba ezinhle, ezwakalise ukusindiswa, oshoyo kulo iSiyoni ukuthi: “UNkulunkulu wakho uyinkosi.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite