Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNahume 1:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Kepha uJehova uyalezile ngawe ukuthi akusayikuhlwanyelwa okwegama lakho; endlini yawonkulunkulu bakho ngiyakunquma izithombe ezibaziweyo nezibunjiweyo; ngiyakulungisa ithuna lakho, ngokuba awuyinto yalutho.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

14 Kepha uSimakade uyalezile ngawe ukuthi akusayukuphinde kutshalwe egameni lakho, endlini yonkulunkulu bakho ngiyakunquma isithombe esibaziweyo nesithombe esibunjiweyo, ngiyakwenza ithuna lakho, ngokuba awuyinto yalutho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 UJehova wayala ngani ukuba kungabe kusahlwanyelwa okwegama lakho; endlini yawonkulunkulu bakho ngiyakunquma isithombe esibaziweyo nesithombe esibunjiweyo; ngoba ukhohlakele.

Gade chapit la Kopi




UNahume 1:14
21 Referans Kwoze  

Inzalo yakhe mayinqunywe; igama layo malesulwe esizukulwaneni esilandelayo.


Ngiyakunquma izithombe zakho ezibaziweyo nezinsika zakho phakathi kwakho, ungabe usakhonza imisebenzi yezandla zakho.


Ukukhunjulwa kolungileyo kubusisekile, kepha igama lababi liyabola.


Kwathi ekhuleka endlini kaNisiroki unkulunkulu wakhe, o-Adirameleki noSareseri bambulala ngenkemba, babalekela ezweni lase-Ararati. U-Esari Hadoni indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.


“Esikhundleni sakhe kuyakuvela odelelekileyo abangamnikanga udumo lobukhosi; uyakufika ngesikhathi sokuthula, athathe umbuso ngobushelezi.


“Memezani phakathi kwezizwe, nikuzwakalise, nimise ibhanela,* nikuzwakalise, ningakufihli, nithi: ‘IBabele linqotshiwe, uBeli ujabhile, uMerodaki uphelile amandla; izithombe zalo zijabhile, imifanekiso yalo iphelile amandla.’


Yizwani nina enikude engikwenzileyo; nani eniseduze, vumani amandla ami.


Isiprofetho ngeGibithe. Bheka, uJehova ukhwele phezu kwefu elinejubane, uyeza eGibithe; onkulunkulu baseGibithe bayathuthumela ebusweni bakhe, nezinhliziyo zabaseGibithe ziphela amandla phakathi kwabo.


Yiba kimi idwala lokuhlala, ukuze ngiye kulo njalonjalo; ukuyalezile ukusindiswa kwami, ngokuba uyidwala lami nenqaba yami.


UJehova wathuma ingelosi eyanquma onke amaqhawe anamandla, nabaholi, nezinduna ekamu* lenkosi yase-Asiriya. Yayisibuyela ezweni layo ijabhile. Isingenile endlini kankulunkulu wayo, ababephume ezibilinini zayo bayibulala khona ngenkemba.


Ngokuba ngimtshelile ukuthi ngiyakwahlulela indlu yakhe kuze kube phakade ngobubi abaziyo, lokhu amadodana akhe ayezehlisela isiqalekiso, engawakhuzanga.


Ngiyakuchitha izindawo zenu eziphakemeyo, nginqume ama-altare enu empepho, ngilahle izidumbu zenu phezu kwezidumbu zezithombe zenu; umphefumulo wami uyakunengwa yinina.


“ ‘Ngokuba ngiyakudabula izwe laseGibithe ngalobo busuku, ngibulale onke amazibulo ezweni laseGibithe, abantu nezinkomo, ngenze izahlulelo kuzo zonke izithixo zaseGibithe; nginguJehova.


Ukukhunjulwa kwakhe kuyakuphela emhlabeni, angabi negama ezweni.


Ngiyakubasiphula o-Ashera* bakho phakathi kwakho, ngiyichithe imizi yakho.


Ucebele indlu yakho okubi ngokuchitha abantu abaningi, wona kuwo umphefumulo wakho.


TEKEL: ulinganisiwe esilinganisweni, ufunyenwe ulula.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite