Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UmShumayeli 9:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Hamba udle isinkwa sakho ngentokozo, uphuze iwayini ngenhliziyo enhle, ngokuba uNkulunkulu usevumile imisebenzi yakho.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 Hamba, udle ukudla kwakho ngentokozo, uphuze iwayini lakho uthokozile enhliziyweni yakho, ngokuba uNkulunkulu uvele ukuvumele lokhu okwenza manje.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Hamba, udle isinkwa sakho ngentokozo, uphuze iwayini lakho ngenhliziyo ethokozayo; ngoba uNkulunkulu useyayemukela imisebenzi yakho.

Gade chapit la Kopi




UmShumayeli 9:7
24 Referans Kwoze  

Idili lenzelwa ukuhleka, newayini liyenamisa ukuphila, kepha imali iyimpendulo yakho konke.


nidle khona phambi kukaJehova uNkulunkulu wenu, nename kukho konke enibeka kukho isandla senu, nina nabendlu yenu, uJehova uNkulunkulu wakho akubusise ngakho.


Ngase ngibabaza intokozo, ngokuba umuntu akanakho okuhle phansi kwelanga kunokudla, nokuphuza, nokujabula; lokhu kuyakuhlala kuye emshikashikeni wakhe ezinsukwini zokuphila kwakhe aziphiweyo nguNkulunkulu phansi kwelanga.


Bheka, engikubonile mina ukuthi kuhle futhi kumnandi kumuntu kungukudla, nokuphuza, nokubona okuhle kuwo wonke umshikashika wakhe awushikashikayo phansi kwelanga zonke izinsuku zokuphila kwakhe uNkulunkulu amnika zona; ngokuba lokhu kuyisabelo sakhe.


kodwa ezizweni zonke omesabayo nowenza ukulunga uyamukeleka kuye.


Ngosuku lwesishiyagalombili wabamukisa abantu, bayibusisa inkosi, baya ematendeni abo bejabula, bethokoza ngenhliziyo ngakho konke okuhle uJehova akwenzile kuDavide inceku yakhe naku-Israyeli abantu bakhe.


niyakwenama phambi kukaJehova uNkulunkulu wenu, nina namadodana enu, namadodakazi enu, nezinceku zenu, nezincekukazi zenu, nomLevi ophakathi kwamasango enu, lokhu engenasabelo nafa kini.


Wathi kuyo uJesu: “Hamba, indodana yakho iphilile.” Lowo muntu wakholwa yizwi alishilo kuye uJesu, wahamba.


Kepha yiphani okungaphakathi kube yisiphiwo sabampofu, bhekani-ke, kobe kuhlambulukile konke kini.


Wayesethi kuye: “Ngenxa yalelo zwi, hamba-ke; idemoni seliphumile endodakazini yakho.”


Usholoni ukuthi: ‘Ungudadewethu,’ ngize ngimthathe abe ngumkami, na? Bheka manje, nangu umkakho; mthathe, uhambe.”


umpristi akuzulise, kube ngumnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova; lokhu kungcwele kumpristi kanye nesifuba sokuzuliswa nethanga lokuphakanyiswa; emva kwalokho umNaziri angaphuza iwayini.


Yenama ngosuku lwenhlanhla, kepha ngosuku olubi qonda ukuthi nalolu uNkulunkulu ulwenzile njengalolo, ukuze umuntu angafumani lutho oluyakuba khona emva kwakhe.


Noma umuntu ekhona iminyaka eminingi, makathokoze ngayo yonke, akhumbule nokho nezinsuku zobumnyama ukuthi njengokuba ziziningi, konke okufikayo kuyize.


UBowazi wadla waphuza, inhliziyo yakhe yathokoza, waya ukulala ngasekugcineni kwenqwaba yamabele; wafika kahle, wambula izinyawo zakhe, walala.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite