Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UmShumayeli 9:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Ngokuba abaphilayo bayazi ukuthi bayakufa, kepha abafileyo abazi lutho, futhi abasenawo umvuzo, ngokuba ukukhunjulwa kwabo sekukhohlakele.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Abaphilayo bayazi ukuthi bazokufa, kodwa abafileyo abasazi lutho, futhi abasenamvuzo; abasakhunjulwa nakukhunjulwa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ngoba abaphilayo bayazi ukuthi bayokufa, kodwa abafileyo abazi lutho futhi abasenawo umvuzo; ngoba ukukhunjulwa kwabo sekukhohlakele.

Gade chapit la Kopi




UmShumayeli 9:5
18 Referans Kwoze  

Abafileyo ababuyi baphile, izithunzi azibuyi zivuke; ngalokho wabahambela, wabachitha, wenza ukuba konke ukukhunjulwa kwabo kuphele.


Akukho ukukhunjulwa kwase bephelile, nabalandelayo abayakufika abayikukhunjulwa nabo phakathi kwabalandela bona.


Ngokuba akukho ukukhumbula wena ekufeni; ngubani oyakukubonga endaweni yabafileyo na?


Futhi njengalokhu kumiselwe abantu ukuba bafe kanye, emva kwalokhu ukwahlulelwa,


Amadodana akhe ayadunyiswa, engazi yena; ayeyiswa, engakuqondi.


Ngokuba akukho ukukhunjulwa kohlakaniphileyo nokwesiwula kuze kube phakade, lokhu ezinsukwini ezizayo konke kuyakube sekukhohlakele. Nohlakaniphileyo akafi njengesiwula na?


Mabeme phambi kukaJehova njalo, kunqunywe isikhumbuzo sabo emhlabeni.


Kanjalo ngabona ukuthi ababi bembelwa, ababengenile bephuma endaweni engcwele, bababazeka emzini lapho kade benza okunjalo; nalokho kuyize.


Ngokuba wena unguBaba; ngokuba u-Abrahama akasazi, no-Israyeli akasivumi. Wena Jehova unguBaba; igama lakho linguMhlengi wethu waphakade.


Kungcono ukuya endlini yokulila kunokuya endlini yedili, ngokuba lokho kungukuphela kwabantu bonke; nophilayo makakubeke enhliziyweni yakhe.


Ngokuba ngiyazi ukuthi ungiyisa ekufeni nasendlini yokubuthana kwabaphilayo bonke.


Ohlangene nabo bonke abaphilayo kukhona ithemba kuye, ngokuba inja ephilayo ingcono kunengonyama efileyo.


Konke isandla sakho esikufumanayo ukukwenza, kwenze ngamandla akho, ngokuba akukho msebenzi, namcabango, nakwazi, nakuhlakanipha endaweni yabafileyo, lapho uya khona.


Ngokuba simelwe ukufa, sinjengamanzi achithwa emhlabathini, angenakuqoqwa futhi; uNkulunkulu akasusi ukuphila, kepha uqamba amasu ukuba oxoshiweyo angabi ngumxoshwa kuye.


Kepha mina, Jehova, ngikhala kuwe; ekuseni umkhuleko wami uyenyuka phambi kwakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite