Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UmShumayeli 8:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Ngabona konke lokho, ngabeka inhliziyo yami kuyo yonke imisebenzi eyenziwa phansi kwelanga ngesikhathi lapho umuntu ebusa omunye kube ngukulimala kwakhe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 Konke lokhu ngakubona ngesikhathi ngicabangisisa ngengqondo yami zonke izinto ezenzeka phansi komthunzi welanga. Kunesikhathi lapho umuntu ebusa abanye, kube ngukulimala kwakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Konke lokhu ngakubona, ngabeka inhliziyo yami kuyo yonke imisebenzi eyenziwa phansi kwelanga; kukhona isikhathi lapho umuntu ebusa omunye kube ngukulimala kwakhe.

Gade chapit la Kopi




UmShumayeli 8:9
15 Referans Kwoze  

Uma ubona ukudlovelwa kwabampofu nokuphangwa kokwahlulela nokokulunga ezweni, ungamangali ngakho, ngokuba omkhulu uqaphela omkhulu kunaye, futhi kukhona nabakhulu kunabo.


Kukhona ububi obudabukisayo engibubonile phansi kwelanga: ingcebo egcinelwe umniniyo ukuba imlimaze;


Ngase ngiphenduka ukuba inhliziyo yami yazi, ihlole, ifune ukuhlakanipha nendikimba yezindaba ukuyokwazi ububi ukuthi bungubuwula, nobuwula ukuthi bungubuhlanya.


Ngibonile umshikashika uNkulunkulu awunikile amadodana abantu ukuba awushikashike.


Ngiyibonile yonke imisebenzi eyenziwayo phansi kwelanga; bheka, konke kuyize nokufuna umoya.


Kepha uSihoni inkosi yaseHeshiboni akasivumelanga ukuba sidlule kuye, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho wenza lukhuni umoya wakhe, wenza ukuba ibe nenkani inhliziyo yakhe, ukuze amnikele esandleni sakho njenganamuhla.


Amanzi abuyela, asibekela izinqola, nabamahhashi, nayo yonke impi kaFaro eyangena elwandle emva kwazo; akwasala noyedwa kubo.


Abulala amadodana kaSedekiya phambi kwamehlo akhe, akhipha amehlo kaSedekiya, ambopha ngamaketanga, amyisa eBabele.


Futhi ngabona phansi kwelanga ukuthi kukhona okubi endaweni yokwahlulela nokuthi kukhona ukushinga endaweni yokulunga.


Ngase ngibuye ngabona konke ukucindezela okwenziwa phansi kwelanga; bheka izinyembezi zabacindezelwayo; babengenamduduzi. Ohlangothini lwababacindezelayo kwakukhona amandla, kepha bona babengenamduduzi.


Impela ukucindezela kuyamhlanyisa ohlakaniphileyo, nokuthengwa ngomvuzo kuchitha ingqondo.


Ngokuba lapho kukhona amaphupho amaningi, kukhona nokuyize namazwi amaningi, kepha wena yesaba uNkulunkulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite