Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UmShumayeli 8:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Lapho ngibeka inhliziyo yami ukukwazi ukuhlakanipha nokubona umshikashika owenziwa emhlabeni, ngokuba akakho obona ubuthongo ngamehlo akhe imini nobusuku,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 Lapho ngifunisisa ngengqondo yami ukwazi ukuhlakanipha nokubona umsebenzi owenziwa emhlabeni umuntu engalali ubusuku nemini,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Lapho ngibeka inhliziyo yami ukwazi ukuhlakanipha nokubona umsebenzi owenziwa emhlabeni; (ngoba kukhona futhi imini nobusuku abuboni ubuthongo ngamehlo akhe).

Gade chapit la Kopi




UmShumayeli 8:16
11 Referans Kwoze  

Ngokuba zonke izinsuku zakhe zinobuhlungu, nomsebenzi wakhe ulusizi; yebo, nasebusuku inhliziyo yakhe ayiphumuli; nalokho kuyize.


Nganikela inhliziyo yami ukufuna nokuvivinya ngokuhlakanipha konke okwenziwa phansi kwezulu; kungumshikashika omubi uNkulunkulu awunikile amadodana abantu ukuba awushikashike.


Kuyize kini ukuba nivuke ekuseni, nephuze ukuphumula, nidle isinkwa sezinhlupheko, ngokuba uyamupha othandiweyo wakhe esalele.


Ngabona konke lokho, ngabeka inhliziyo yami kuyo yonke imisebenzi eyenziwa phansi kwelanga ngesikhathi lapho umuntu ebusa omunye kube ngukulimala kwakhe.


lokhu engazi okuyakuba khona, ngokuba ngubani ongamtshela ukuthi kuyakuba kanjani na?


Ngase ngiphenduka ukuba inhliziyo yami yazi, ihlole, ifune ukuhlakanipha nendikimba yezindaba ukuyokwazi ububi ukuthi bungubuwula, nobuwula ukuthi bungubuhlanya.


Ubuthongo besisebenzi bumnandi, noma sidla okuyingcosana noma okuningi, kepha ukusutha kocebileyo akumvumeli ukuba alale.


Kukhona oyedwa, kanaye owesibili, yebo, akanamntwana, kanamfowabo, nokho ukuphela komshikashika wakhe akukho, namehlo akhe awasuthi ngengcebo. Uthi: “Ngishikashikela-bani, ngiswezisela umphefumulo wami ngokuhle, na?” Nalokho kuyize nenhlupheko embi.


Nganginjalo; emini ngaqedwa ngukushisa, ebusuku ngamakhaza; ubuthongo bami babalekela amehlo ami.


Ngiyibonile yonke imisebenzi eyenziwayo phansi kwelanga; bheka, konke kuyize nokufuna umoya.


Nganikela inhliziyo yami ukwazi ukuhlakanipha nokwazi ubuhlanya nobuwula. Ngase ngibona ukuthi nalokho kwakungukufuna umoya.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite