Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UmShumayeli 8:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Kukhona okuyize okwenziwa emhlabeni kokuthi kukhona abalungileyo abehlelwa ngokomsebenzi wababi, nokuthi kukhona ababi abehlelwa ngokomsebenzi wabalungileyo; ngathi: “Nalokho kuyize.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

14 Kunento eyize eyenziwa emhlabeni: kukhona abantu abalungile abehlelwa yizinto ezifana nezehlela ababi, nabantu ababi okwenzeka kubo izinto ezenzeka kwabalungileyo. Ngithi: “Nalokho kuyize.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Kukhona okuyize okwenzeka emhlabeni; ukuthi kukhona abantu abalungileyo okwenzeka kubo njengokwemisebenzi yababi; futhi, kukhona abantu ababi okwenzeka kubo njengokwemisebenzi yabalungileyo; Ngathi nalokhu kuyize.

Gade chapit la Kopi




UmShumayeli 8:14
16 Referans Kwoze  

Konke ngikubonile emihleni yami eyize: kukhona olungileyo obhubhile ekulungeni kwakhe, kukhona nomubi owelula ukuphila kwakhe ebubini bakhe.


Kepha manje siyakuthi babusisiwe abaziqhenyayo; yebo, abenza okubi bayakhiwa; noma bemlinga uNkulunkulu, bayakhululwa.’ ”


Ohlakaniphileyo unamehlo ekhanda lakhe, kepha isiwula sihamba ebumnyameni; nokho ngabona ukuthi umehlo munye wehlela bonke.


Ngokuba ngaba nomhawu ngabazidlayo, lapho ngibona ukubusa kwababi.


Ababi baphilelani, baze babe badala, yebo, bakhule emandleni, na?


Ulungile wena Jehova, noma ngimelana nawe; ngiyakukhuluma nawe ngokwahlulela: iphumelelani indlela yababi, kungani ukuba babe nokuthula abakhohlisa nokukhohlisa, na?


Kukhona ububi engibubonile phansi kwelanga, bunjengephutha elivela kumbusi:


Kukhona oyedwa, kanaye owesibili, yebo, akanamntwana, kanamfowabo, nokho ukuphela komshikashika wakhe akukho, namehlo akhe awasuthi ngengcebo. Uthi: “Ngishikashikela-bani, ngiswezisela umphefumulo wami ngokuhle, na?” Nalokho kuyize nenhlupheko embi.


Futhi ngabona wonke umshikashika nakho konke okwenziwe ngekhono ukuthi kungumhawu womuntu ngomakhelwane wakhe. Nalokho kuyize nokufuna umoya.


Kukho konke lokho uJobe akonanga, akamthelanga uNkulunkulu okubi.


Bhekani, nina nonke nikubonile; kungani ukuba nizenze ize na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite