Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UmShumayeli 8:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 ngangokuba isoni, noma senza okubi kayikhulu, kuyandiswa nokho izinsuku zaso. Kanti nokho ngiyazi ukuthi kuzakuba kuhle kwabamesabayo uNkulunkulu, lokhu besaba phambi kobuso bakhe;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 Noma isoni singona kaningi, siphile isikhathi eside, nokho ngiyazi ukuthi kuzobahambela kahle abamesabayo uNkulunkulu, ngoba bahamba ngokwesaba phambi kwakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Noma isoni senza okubi izikhathi eziyikhulu, izinsuku zaso zande, nokho ngiyazi ukuthi kuyakuba kuhle kwabamesabayo uNkulunkulu, abamesabayo;

Gade chapit la Kopi




UmShumayeli 8:12
34 Referans Kwoze  

Kepha abathobekileyo bazakulidla ifa lomhlaba, bathokoze ngokuthula okukhulu.


iNkosi iyakwazi ukuhlangulisa ekulingweni abamesabayo uNkulunkulu, kepha abangalungile iyabagcinela usuku lokwahlulelwa, bajeziswe,


Konke ngikubonile emihleni yami eyize: kukhona olungileyo obhubhile ekulungeni kwakhe, kukhona nomubi owelula ukuphila kwakhe ebubini bakhe.


Ngiyazi ukuthi konke akwenzayo uNkulunkulu kuyakuba khona kuze kube phakade; akukho okungenezelwa kukho, futhi akukho okungasuswa kukho. UNkulunkulu ukwenzile ukuba abantu besabe phambi kwakhe.


Uma, pho, uNkulunkulu, ethanda ukubonakalisa ulaka nokuveza amandla akhe, wathwala ngokubekezela okukhulu izitsha zolaka ezilungiselwe ukubhujiswa


Isihawu sakhe sikuzo izizukulwane ngezizukulwane kubo abamesabayo.


Kepha ngobulukhuni bakho nangenhliziyo engaphendukiyo uzibekelela ulaka ngosuku lolaka nolokwambulwa kokwahlulela okulungileyo kukaNkulunkulu


“Khona iNkosi izakuthi kwabangakwesokunene sayo: ‘Zanini nina enibusisiwe nguBaba, nidle ifa lombuso eniwulungiselweyo selokhu kwasekelwa umhlaba.


kuhle ukuba ubambelele kulokhu, yebo, ungabuyisi isandla sakho nakulokho, ngokuba owesaba uNkulunkulu uyakuphumelela kukho konke.


Nalokho kungububi obudabukisayo ukuthi uyamuka kukho konke njengokufika kwakhe; unanzuzoni ukuthi ushikashikele umoya na?


Ububi bulandela izoni, kepha abalungileyo bavuzwa ngokuhle.


Uyakubusisa abamesabayo uJehova, abancane nabakhulu.


Haleluya! Ubusisiwe umuntu omesabayo uJehova, othokoza kakhulu ngemithetho yakhe.


Khulekani kuJehova, nihlobe ubungcwele; thuthumela ebusweni bakhe, mhlaba wonke.


Thuthumelani ebusweni bakhe, mhlaba wonke; izwe lihlala liqinile, alinakushukunyiswa.


Kepha akubangakho onjengo-Ahabi owazithengisa ukwenza okubi emehlweni kaJehova, edudwa ngu-Izebeli umkakhe.


Ungalidli ukuba kube kuhle nakubantwana bakho emva kwakho, lapho wenza okulungile emehlweni kaJehova.


UNkulunkulu wabenzela ababelethisi okuhle; abantu banda, baba baningi kakhulu.


Wogcina izimiso zakhe nemiyalo yakhe engikuyala ngakho namuhla ukuba kube kuhle kuwe, nakubantwana bakho emva kwakho, wandise izinsuku zakho ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona kuze kube phakade.”


Qaphela, uzwe onke lawa mazwi engikuyala ngawo ukuba kube kuhle kuwe nakubantwana bakho emva kwakho kuze kube phakade, lapho wenza okuhle nokulungile emehlweni kaJehova uNkulunkulu wakho.


Ngokuba uyakudla umsebenzi wezandla zakho; uyakuba nenhlanhla nempumelelo.


Ngokuba lapho kukhona amaphupho amaningi, kukhona nokuyize namazwi amaningi, kepha wena yesaba uNkulunkulu.


Nakhu ukuphela kwendaba, lapho sekuzwakele konke: Mesabe uNkulunkulu, ugcine imiyalo yakhe, ngokuba lokho kungokwabantu bonke.


Kepha manje, ngokuba intukuthelo yakhe ingajezisi, anganaki kakhulu iziphambeko,


Ubusisiwe umuntu owesaba njalo, kepha oyenza lukhuni inhliziyo yakhe uyakuwela ebubini.


Abazithobanga kuze kube namuhla, abesabanga, abahambanga ngomthetho wami nangezimiso zami engikubeke phambi kwenu naphambi kwawoyihlo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite