Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UmShumayeli 8:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Kanjalo ngabona ukuthi ababi bembelwa, ababengenile bephuma endaweni engcwele, bababazeka emzini lapho kade benza okunjalo; nalokho kuyize.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 Ngabona ababi bengcwatshwa, ababevame ukungena bephuma endaweni engcwele, belibaleka emzini lapho babenza khona lezo zinto; nalokho kuyize.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Ngase ngibona ababi bengcwatshwa, ababephuma besuka endaweni engcwele, bakhohlwa emzini ababekwenza kuwo; futhi kuyize.

Gade chapit la Kopi




UmShumayeli 8:10
14 Referans Kwoze  

Ngokuba abaphilayo bayazi ukuthi bayakufa, kepha abafileyo abazi lutho, futhi abasenawo umvuzo, ngokuba ukukhunjulwa kwabo sekukhohlakele.


Ngokuba akukho ukukhunjulwa kohlakaniphileyo nokwesiwula kuze kube phakade, lokhu ezinsukwini ezizayo konke kuyakube sekukhohlakele. Nohlakaniphileyo akafi njengesiwula na?


Ukukhunjulwa kolungileyo kubusisekile, kepha igama lababi liyabola.


kepha olungileyo wami uyakuphila ngokukholwa; kepha uma ehlehla nyovane, umphefumulo wami awunakuthokoza ngaye.


bamisa ofakazi bamanga abathi: “Lo muntu akayeki ukukhuluma amazwi ngale ndawo engcwele nangomthetho;


“Kwase kuthi wafa ompofu, wathwalwa yizingelosi, wasiwa esifubeni sika-Abrahama; nesicebi safa, sembelwa.


O, themba lika-Israyeli, Jehova, bonke abakushiyayo bayakujabha; abachezuka kimi bayakulotshwa emhlabathini, ngokuba bamshiyile uJehova, umthombo wamanzi aphilayo.


Akukho ukukhunjulwa kwase bephelile, nabalandelayo abayakufika abayikukhunjulwa nabo phakathi kwabalandela bona.


Sengakhohlakala enhliziyweni njengofileyo; nginjengesitsha esifileyo.


Babeyakuba njengezibi phambi komoya, nanjengamakhoba aphephethwa yisiphepho.


kepha kwafunyanwa kuwo indoda empofu ehlakaniphileyo; yawukhulula umuzi ngokuhlakanipha kwayo, kodwa nokho akakho okhumbula leyo ndoda empofu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite