Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UmShumayeli 7:26 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 Ngase ngifumana okubaba kunokufa: owesifazane onhliziyo yakhe iyizingibe namanetha, nezandla zakhe ziyizibopho; omuhle phambi kukaNkulunkulu uyakuphunyuka kuye, kepha isoni siyakubanjwa nguye.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

26 Ngathola okumuncu okwedlula ukufa: owesifazane onenhliziyo ewugibe nenethi, ozandla zakhe ziyizibopho; othokozisa uNkulunkulu uyasinda kuye, kodwa isoni uyasibamba.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

26 Ngase ngifumana okubaba kunokufa, owesifazane onhliziyo yakhe iyizingibe namanetha, nezandla zakhe ziyizibopho; othokozisa uNkulunkulu uyakuphunyuka kuyo; kodwa isoni siyakubanjwa yiyo.

Gade chapit la Kopi




UmShumayeli 7:26
15 Referans Kwoze  

Umlomo wowesifazane ondindayo ungumgodi ojulileyo; othukuthelelwayo nguJehova uyakuwela kuwo.


Ngokuba umuntu omuhle kuNkulunkulu uyamnika ukuhlakanipha, nokwazi, nentokozo, kepha isoni usinika usizi lokuba sibuthe, siqongelele, ukuze simnike yena omuhle kuNkulunkulu. Nalokho kuyize nokufuna umoya.


ukuba wophulwe kowesifazane ondindayo nakuye owezizwe onamazwi athophayo,


Kepha akazi ukuthi kuyizithunzi ezilapho nokuthi izimenywa zakhe zisezigodini zendawo yabafileyo.


Kepha izinceku zikaFaro zathi kuye: “Lo muntu uzakuba lugibe kuze kube nini na? Bavumele abantu ukuba bahambe bakhonze uJehova uNkulunkulu wabo. Awukwazi ukuthi iGibithe seliyashabalala na?”


Ngokuba imiyalo iyisibani, nomthetho ungukukhanya, nokusola ngokulaya kuyindlela yokuphila,


ukuze ugcinwe kowesifazane omubi, nasekuthopheni kolimi lowesifazane ondindayo.


“Bheka, nakhu engikufumene,” uthi uMshumayeli: “Ngibeka okunye kokunye ukuba ngithole indikimba yezindaba,


Ayesemphuzisa uyise iwayini nangalobo busuku; encane yasuka yalala naye, engazi ukulala kwayo nokuvuka kwayo.


ayinkulu kunami kule ndlu; futhi ayingigodlelanga lutho ngaphandle kwakho kuphela, ngokuba ungumkayo; pho, ngingenza kanjani lobo bubi obungaka, ngone kuNkulunkulu na?”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite