Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UmShumayeli 7:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Ungabi ngolungileyo ngokudluleleyo, ungazenzi ohlakaniphileyo kakhulu; uzichithelani na?

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 Ungabi ngolunge kakhulu, ungazenzi ohlakaniphe ngokwedlulele; uzibhubhiselani na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Ungabi olungileyo ngokuningi; futhi musa ukubukisa. Kungani uzibhubhisa?

Gade chapit la Kopi




UmShumayeli 7:16
25 Referans Kwoze  

Ngokuba ngomusa engiwuphiweyo ngisho kulowo nalowo phakathi kwenu ukuthi angacabangi athi mkhulu kunalokho afanele ukukucabanga, kodwa acabange kube ngokuqonda, njengalokho uNkulunkulu abele lowo nalowo isilinganiso sokukholwa.


Uma uthole izinyosi, yidla okwanele wena, funa udinwe, ubuye uhlanze.


Makungabikho muntu onamuka umvuzo wenu, othanda ukuzenza othobile ekhonza izingelosi, ephike ngemibono yakhe, ezikhukhumeza ngeze ngengqondo yakhe yenyama,


ezinegama lokuhlakanipha kambe ngokuzikhethela inkonzo, nangokuzithoba, nangokuhlupha umzimba; akusizi lutho maqondana nokuzithiba kwenyama.


Makungabikho ozikhohlisayo; uma umuntu phakathi kwenu ethi uhlakaniphile kulesi sikhathi, akabe yisiwula, ukuze ahlakaniphe.


Kepha phezu kwalana, ndodana yami, mawuxwaye; ukwenza izincwadi eziningi akunakuphela, nokufunda okuningi kukhathaza umzimba.


Owesifazane ebona ukuthi umuthi ulungele ukudliwa, nokuthi uyabukeka emehlweni, nokuthi umuthi unxanelekile ekuhlakaniphiseni, wathatha izithelo zawo, wadla, wanika nendoda yakhe kanye naye, nayo yadla.


Ngizila ukudla kabili ngeviki, nginikela okweshumi kukho konke enginakho.’


Ungakhandlekeli ukuceba; kuyeke ngokuqonda kwakho.


benqabela ukuganana, bethi akuzilwe ukudla akudalayo uNkulunkulu ukuba kwamukelwe ngokubonga yibo abakholwayo nabalaziyo iqiniso.


ngokokushisekela ngingowazingela ibandla, ngokokulunga okusemthethweni ngingongasolekiyo.


nokuthi: “INkosi iyazazi izizindlo zabahlakaniphileyo ukuthi ziyize.”


Ngokuba angithandi, bazalwane, ukuba ningayazi le mfihlakalo, funa nizishaye abahlakaniphileyo, ukuthi inxenye ka-Israyeli yehlelwe ngubulukhuni, kuze kungene abezizwe ngokupheleleyo;


Khona kwase kufika kuye abafundi bakaJohane, bathi: “Yini ukuba thina nabaFarisi sizila ukudla; kepha abafundi bakho abazili ngani na?”


Wathi kubantu: ‘Bhekani, ukwesaba iNkosi lokhu kungukuhlakanipha; ukusuka ebubini kungukuqonda.’ ”


Umuntu oyize uyakuba nengqondo, nxa ithole lembongolo yasendle lizalwa libe ngumuntu.


Base bethela uthuli emakhanda abo, badazuluka bekhala, belila bethi: ‘Maye, maye kuwe muzi omkhulu, abacebile kuwe bonke abanemikhumbi elwandle ngenxa yengcebo enqabileyo yakho, ngokuba ngehora linye nje uchithekile!


Ngokuba ngiyabafakazela ukuthi bashisekela uNkulunkulu kodwa kungengokuqonda;


Bhekani, indlu yenu isisala nani.


“Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nakha amaliba abaprofethi, nihlobisa amathuna abalungileyo!


“Kepha imisebenzi yonke yabo bayenza ukuba babonwe ngabantu; amafilakteriyu* abo bawenza abe banzi, bawenze abe makhulu amachopho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite