Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UmShumayeli 7:15 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Konke ngikubonile emihleni yami eyize: kukhona olungileyo obhubhile ekulungeni kwakhe, kukhona nomubi owelula ukuphila kwakhe ebubini bakhe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

15 Ngikubone konke kulokhu kuphila kwami okuyize: umuntu oqotho efela ebuqothweni bakhe, nomuntu omubi ephila isikhathi eside ebubini bakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Konke lokhu ngakubona ezinsukwini zami eziyize: kukhona olungileyo obhubhayo ekulungeni kwakhe, kukhona nomubi owelula ukuphila kwakhe ebubini bakhe.

Gade chapit la Kopi




UmShumayeli 7:15
21 Referans Kwoze  

Ngokuba ngubani okwaziyo okuhle okuyakuba ngokomuntu ekuhambeni kwakhe zonke izinsuku zokuhamba kwakhe okuyize aziqedayo njengesithunzi na? Ngubani ongatshela umuntu okuyakuba semva kwakhe phansi kwelanga na?


Ngumuphi kubaprofethi oyihlo abangamzingelanga na? Bababulala ababememezela ngaphambili ukuza koLungileyo, eseningabakhapheli nababulali bakhe,


“Kusukela lapho akusayikuba khona ingane yezinsuku nje nexhegu elingazigcwalisanga izinsuku zalo, ngokuba omusha uyakufa eneminyaka eyikhulu yobudala, isoni siqalekiswe sineminyaka eyikhulu.


Thokoza ngokuphila nomkakho omthandayo zonke izinsuku zokuphila kwakho okuyize, oziphiwayo phansi kwelanga zonke izinsuku zakho eziyize, ngokuba lokhu kuyisabelo sakho kulokho kuphila ngomshikashika wakho owushikashikayo phansi kwelanga.


Futhi ngabona phansi kwelanga ukuthi kukhona okubi endaweni yokwahlulela nokuthi kukhona ukushinga endaweni yokulunga.


Ngokuba zonke izinsuku zakhe zinobuhlungu, nomsebenzi wakhe ulusizi; yebo, nasebusuku inhliziyo yakhe ayiphumuli; nalokho kuyize.


“Impela umuntu uhamba njengesithunzi nje; impela uzikhathaza ngokuyize nje; unqwabela imfuyo, kepha akazi ukuthi ngubani ozakuyibutha.


Lawo madoda amabili, abantu ababi, angena, ahlala phambi kwakhe; bafakaza labo bantu ababi ngaye, bathi: “Yena uNaboti uthukile uNkulunkulu nenkosi.” Base bemkhiphela ngaphandle komuzi, bamkhanda ngamatshe, wafa.


UJakobe wathi kuFaro: “Izinsuku zeminyaka yokugogobala kwami ziyiminyaka eyikhulu namashumi amathathu; ziyingcosana, zimbi izinsuku zeminyaka yokuhamba kwami, azifinyelelanga ezinsukwini zeminyaka yokuhamba kwawobaba emihleni yokugogobala kwabo.”


Bayakunikhipha emasinagogeni,* yebo, siyeza isikhathi sokuba lowo onibulalayo uyakuthi ukhonza uNkulunkulu.


Ngokuba omubi uyazigabisa ngokufisa komphefumulo wakhe, nohulazayo uyamvalelisa, amdelele uJehova.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite