Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UmShumayeli 7:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Bona umsebenzi kaNkulunkulu, ngokuba ngubani ongelula lokho akugobileyo na?

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

13 Bheka umsebenzi kaNkulunkulu; ngubani ongaqondisa akugobisileyo na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Bhekani umsebenzi kaNkulunkulu, ngokuba ngubani ongaqondisa lokho akwenze kwaba yisigwegwe na?

Gade chapit la Kopi




UmShumayeli 7:13
19 Referans Kwoze  

Okuyisigwegwe akunakuqondiswa, nokungekho akunakubalwa.


Bheka, uyadiliza, kungabe kusakhiwa; uyavalela umuntu, kungabe kusavulwa.


Ihabu* nogubhu, isigubhu negenkle, newayini kukhona emadilini abo, kepha abanakekeli imisebenzi kaJehova, nezenzo zezandla zakhe abaziboni.


Wenzile konke kube kuhle esikhathini sakho, ubekile nokuphakade ezinhliziyweni zabo; nokho umuntu angefumane umsebenzi awenzile uNkulunkulu kwasekuqaleni kuze kube sekupheleni.


kuyena esabelwa futhi ifa kuye, esakumiselwa ngaphambili ngokwesimiso salowo osebenza izinto zonke ngokunquma kwentando yakhe,


Ngokuba uJehova Sebawoti unqumile; ngubani ongakuchitha na? Isandla sakhe singeseluliweyo; ngubani ongasibuyisa na?


Ohlakaniphileyo makaqaphele lokhu; bayakuqonda umusa kaJehova.


Usuzakuthi kimi: “Usasolelani yena na? Ngokuba ngubani ongamelana nentando yakhe na?”


Ngokuba kuMose uthi: “Ngizakumhawukela engimhawukelayo, ngimzwele engimzwelayo.”


Yebo, kwasendulo nginguye; akakho ongophula esandleni sami; lapho ngisebenza, ngubani ongakuvimbela na?”


“Beka indlebe kulokhu, Jobe; yima, uqonde izimangaliso zikaNkulunkulu.


bonke abakhe emhlabeni bashaywa ize; uyenza njengentando yakhe empini yasezulwini naphakathi kwabakhileyo emhlabeni; akakho ongavimbela isandla sakhe, noma athi kuye: “Wenzani na?”


Lapha ngibuka izulu lakho, umsebenzi weminwe yakho, inyanga nezinkanyezi ozimisileyo,


Lapho yena ethula, ngubani ongalahla, nalapho ethukusa ubuso bakhe, ngubani ongambona na? Ubusa ngokufananayo, noma kuyisizwe noma kungumuntu,


Uma edlula, avalele, abizele ekwahluleleni, ngubani ongamkhalima na?


Bheka, uyabamba; ngubani ongamkhalima na? Ngubani ongasho kuye ukuthi: ‘Wenzani na?’


ngase ngiqonda wonke umsebenzi kaNkulunkulu ukuthi umuntu akanakuwubamba umsebenzi owenziwa phansi kwelanga, ngokuba noma umuntu eshikashikeka kangakanani ukuwuhlola, angewuthole, yebo, nakuba ohlakaniphileyo ecabanga ukuthi uyawazi, akanakuwuthola.


Ngalokho nxa ningenamandla okwenza nokuncinyane, yini ukuba nikhathazeke ngokunye na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite