Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UmShumayeli 7:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 ngokuba kusemthunzini wokuhlakanipha njengasemthunzini wemali, kepha inzuzo yokwazi ingeyokuba ukuhlakanipha kulondoloza ukuphila kwalowo onakho.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 Ngokuba ukuvikeleka kokuhlakanipha kufana nokuvikeleka kwemali, kodwa ubuhle bolwazi nokuhlakanipha kulondoloza ukuphila kwalowo onakho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Ngokuba ukuhlakanipha kuyisiphephelo, nemali iyisiphephelo, kepha ukudlula ukwazi kungukuthi ukuhlakanipha kuphila kwabanakho.

Gade chapit la Kopi




UmShumayeli 7:12
25 Referans Kwoze  

Ngokuba ongifumanayo, ufumana ukuphila, azuze umusa kuJehova.


Kungumuthi wokuphila kwabakubambayo, nababambelela kukho babusisiwe.


Uyabekela abaqotho isibusiso, uyihawu kwabahamba bengenacala,


Ukuphila okuphakade yilokhu ukuba bazi wena Nkulunkulu wedwa oqinisileyo, nomthumileyo, uJesu Kristu.


Ngiyazi ukuthi umyalo wakhe ungukuphila okuphakade. Ngakho-ke lokho engikukhulumayo ngikukhuluma njengalokho uBaba angitshela khona.”


Ingcebo ayisizi ngosuku lolaka, kepha ukulunga kophula ekufeni.


“Isihlahla somkhaya sathi kuyo imithi: ‘Uma ningigcoba impela ngibe yinkosi yenu, wozani niphephele emthunzini wami; uma kungenjalo, makuphume umlilo kuso isihlahla somkhaya, uqede imisedari* yaseLebanoni.’


Yebo impela, konke ngikushaya indiva ngobukhulu bokumazi uKristu Jesu iNkosi yami, engilahlekelwe yikho konke ngenxa yakhe, ngikushaya izibi, ukuze ngizuze uKristu,


Kuyakuba khona ukuqiniseka ngesikhathi sakho, ubuningi bokusindiswa nokuhlakanipha nokwazi; ukumesaba uJehova kuyingcebo yakhe.


Umuntu uyakuba yindawo yokucashela umoya nesivikelo esivunguvungwini njengemifula yamanzi endaweni eyomileyo, njengomthunzi wedwala ezweni eliyethileyo.


Ngokuba ngami izinsuku zakho ziyakuba ziningi, neminyaka yokuphila kwakho iyakwenezelwa kuwe.


Amasu ayakukulinda, ukuqonda kukugcine,


Yiba nomusa kimi, Nkulunkulu; yiba nomusa kimi. Ngokuba umphefumulo wami uphephela kuwe; ngifuna ukukhosela ethunzini lamaphiko akho, zize zidlule izinhlupheko.


Wena awumbiyelanga yini yena nendlu yakhe nakho konke okwakhe nxazonke, wabusisa umsebenzi wezandla zakhe na? Impahla yakhe yandile emhlabeni.


Ngokuba akusiyo into eyize kini; lokho kungukuphila kwenu, nangale nto niyakuzandisa izinsuku zenu ezweni eniwela iJordani ukuba ningene kulo ukulidla.”


abahamba ukuba behlele eGibithe, bengacelanga emlonyeni wami, baziqinise emandleni kaFaro, baphephele emthunzini waseGibithe!


Ompofu uyazondwa nangumakhelwane wakhe, kepha ocebileyo unabaningi abamthandayo.


Ngase ngibona ukuthi ukuhlakanipha kudlula ubuwula njengalokhu ukukhanya kudlula ubumnyama.


Ukuhlakanipha kumenza ohlakaniphileyo ukuba abe namandla kunababusi abayishumi abasemzini.


Ngase ngithi: “Ukuhlakanipha kuhle kunamandla,” kepha ukuhlakanipha kompofu kuyadelelwa, namazwi akhe awezwakali.


Ukuhlakanipha kungcono kunezikhali zokulwa, ngokuba oyedwa owonayo angachitha okuhle okuningi.


Idili lenzelwa ukuhleka, newayini liyenamisa ukuphila, kepha imali iyimpendulo yakho konke.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite