Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UmShumayeli 7:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Igama elihle lingcono kunamafutha amahle, nosuku lokufa lungcono kunosuku lokuzalwa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Igama elihle lingcono kunamakha anuka kamnandi, nosuku lokufa lungcono kunolokuzalwa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Igama elihle lingcono kunamafutha amahle; nosuku lokufa njengosuku lokuzalwa komuntu.

Gade chapit la Kopi




UmShumayeli 7:1
23 Referans Kwoze  

Ngase ngizwa izwi livela ezulwini, lithi: “Loba ukuthi: Babusisiwe abafileyo abafele eNkosini kusukela kulesi sikhathi.” “Yebo,” usho uMoya, “ukuze baphumule ekukhandlekeni kwabo; ngokuba imisebenzi yabo iyabalandela.”


Igama elihle likhethekile kunengcebo enkulu, nomusa kunesiliva negolide.


Ngase ngibusisa abafileyo asebafa kunabaphilayo abasekhona,


simi isibindi, singathanda kakhulu ukwahlukana nekhaya elisemzimbeni, sihlale ekhaya eliseNkosini.


Ngokuba siyazi ukuthi uma indlu yethu yasemhlabeni eyidokodo idilizwa, sinesakhiwo esivela kuNkulunkulu, indlu engenziwanga ngezandla, eyaphakade, esezulwini.


Amafutha akho anephunga elimnandi; igama lakho linjengamafutha athululiweyo; ngalokho izintombi ziyakuthanda.


Izimpukane ezifileyo zenza amafutha omthaki ukuba anuke, abile; kanjalo ubuwula obuncane bulingana nokuhlakanipha nodumo.


Amafutha nempepho kuyathokozisa inhliziyo; bunjalo ubumnandi bomuntu ngokululeka ngenhliziyo.


bona ngiyakubanika endlini yami naphakathi kwezingange zami isikhumbuzo negama elihle kunamadodana namadodakazi; ngiyakubanika igama eliphakade, elingayikunqunywa.


Ukukhanya kwamehlo kuyathokozisa inhliziyo, nezindaba ezinhle ziyanonisa amathambo.


Lapho amashinga ayekile ukudlova; lapho baphumule abaphelile amandla.


Sekudliwa, uSathane esekufake enhliziyweni kaJuda Iskariyothe kaSimoni ukuba amkhaphele,


Kufana namafutha amahle ekhanda ehlela esilevini, isilevu sika-Aroni, ehlela nasemphethweni wezambatho zakhe.


Labo bonke, befakazelwe ngokukholwa, abazuzanga isithembiso,


Ngokuba okhokho bafakazelwa ngakho.


Nokho ningathokozi ngalokhu kokuthi omoya bayanithobela, kepha thokozani ngokuthi amagama enu alotshiwe ezulwini.”


Lumnandi kangakanani uthando lwakho, dadewethu, makoti wami! Luhle kangakanani uthando lwakho, kunewayini, nephunga lamafutha akho kunamakha onke!


Kungcono ukuphela kwendaba kunokuqala kwayo; onomoya obekezelayo ungcono kunoziphakamisayo.


ngalokho, Jehova, ake ususe kimi ukuphila kwami, ngokuba kungcono kimi ukufa kunokuphila.”


Walala ngasezinyaweni zakhe kwaze kwasa, wavuka bengakazani. Ngokuba yathi: “Makungaziwa ukuthi owesifazane wafika esibuyeni.”


funa okuzwayo akuhlazise, nodumo lwakho lungabuyi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite