Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UmShumayeli 6:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Kungcono ukubona kwamehlo kunokuzulazula kwesifiso; nalokhu kuyize nokufuna umoya.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 Kungcono ukubona ngamehlo, kunokulangazelela kwenhliziyo; lokho kuyize, kufana nokuthi uyoze ubambe utalagu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Kungcono ukubona kwamehlo kunokuzulazula kwesifiso, futhi kuyize nokuxhamazela.

Gade chapit la Kopi




UmShumayeli 6:9
13 Referans Kwoze  

Ngiyibonile yonke imisebenzi eyenziwayo phansi kwelanga; bheka, konke kuyize nokufuna umoya.


Uma izinyathelo zami zichezukile endleleni, inhliziyo yami yalandela amehlo ami, uma kunamathela isisihla ezandleni zami,


Thokoza, nsizwa, ebusheni bakho, inhliziyo yakho ikuphe ukwenama emihleni yobunsizwa bakho, uhambe ngezindlela zenhliziyo yakho njengokubona kwamehlo akho, kepha yazi ukuthi ngakho konke lokho uNkulunkulu uyakukungenisa ekwahlulelweni.


umuntu uNkulunkulu amnika ingcebo, nemfuyo, nodumo, aze angasweli lutho lomphefumulo wakhe kukho konke akufisayo, uNkulunkulu angamniki nokho amandla okudla kukho, kepha kudliwa ngumfokazi; lokho kuyize, kuyisifo esibi.


Bheka, engikubonile mina ukuthi kuhle futhi kumnandi kumuntu kungukudla, nokuphuza, nokubona okuhle kuwo wonke umshikashika wakhe awushikashikayo phansi kwelanga zonke izinsuku zokuphila kwakhe uNkulunkulu amnika zona; ngokuba lokhu kuyisabelo sakhe.


Futhi ngabona wonke umshikashika nakho konke okwenziwe ngekhono ukuthi kungumhawu womuntu ngomakhelwane wakhe. Nalokho kuyize nokufuna umoya.


Ngase ngibhekana nemisebenzi yonke ezaziyenzile izandla zami, nomshikashika engangishikashikile ukuwenza; bheka, konke kwakuyize nokufuna umoya, akukho nzuzo phansi kwelanga.


“Ize leze,” usho uMshumayeli, “ize leze, konke kuyize.”


“Ngokuba walaphula ijoka lakho endulo, wazigqabula izibopho zakho, wathi: ‘Angiyikukhonza.’ Ngokuba kuwo onke amagquma aphakemeyo naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza walala njengesifebe.


Nganikela inhliziyo yami ukwazi ukuhlakanipha nokwazi ubuhlanya nobuwula. Ngase ngibona ukuthi nalokho kwakungukufuna umoya.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite