Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UmShumayeli 6:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Uma umuntu ezala abantwana abayikhulu, ehamba iminyaka eminingi, zibe ziningi izinsuku zeminyaka yakhe, kodwa umphefumulo wakhe ungasuthi ngokuhle, futhi angabi nakumbelwa, ngithi okuphuphumileyo kungcono kunaye,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Uma umuntu ezele abantwana abayikhulu, aphile iminyaka eminingi, zibe ziningi izinsuku zeminyaka yakhe, kodwa angathokozeli izinto ezinhle empilweni, futhi angangcwatshwa, ngithi okuphuphumileyo kungcono kunaye,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Uma umuntu ezala abantwana abayikhulu, aphile iminyaka eminingi, zibe ziningi izinsuku zeminyaka yakhe, nomphefumulo wakhe ungasuthi ngokuhle, futhi angabi nakumbelwa; Ngithi, ukuzalwa okungakafiki kuhle kunaye.

Gade chapit la Kopi




UmShumayeli 6:3
23 Referans Kwoze  

noma ngangingekho njengokuphuphumileyo okuthukusiweyo, njengezingane ezingazange zibone ukukhanya.


Uyakumbelwa ngokumbelwa kwembongolo, ahudulwe alahlwe ngale kwamasango aseJerusalema.


kepha badlulwa bobabili nguye ongakabikho, ongabonanga umsebenzi omubi owenziwa phansi kwelanga.


Baya ukummbela, kepha abafumananga lutho kuye, kuphela inhloko, nezinyawo, nezintende zezandla.


UJakobe wathi kuFaro: “Izinsuku zeminyaka yokugogobala kwami ziyiminyaka eyikhulu namashumi amathathu; ziyingcosana, zimbi izinsuku zeminyaka yokuhamba kwami, azifinyelelanga ezinsukwini zeminyaka yokuhamba kwawobaba emihleni yokugogobala kwabo.”


INdodana yomuntu iyamuka kambe njengokulotshiwe ngayo, kepha maye kulowo muntu iNdodana yomuntu ekhashelwa ngaye! Nga kukuhle kulowo muntu ukuba kazalwanga.”


Ngalokho usho kanje uJehova ngoJehoyakimi inkosi yakwaJuda, uthi: Akayikuba namuntu wokuhlala esihlalweni sobukhosi sikaDavide; isidumbu sakhe siyakuntshingwa ekushiseni kwasemini nasesithwathweni sasebusuku.


baweneke elangeni nasenyangeni nakulo lonke ibandla lasezulwini, abakuthandile, bakukhonza, bakulandela, bakufuna, bakhuleka kukho; awayikubuthwa, awayikumbelwa, ayakuba ngumquba ebusweni bomhlabathi.


Abantwana babantwana bangumqhele wabadala, nodumo lwabantwana lungoyise.


Mababe njengomnenke oncibilika, uphele, njengokuphuphume kowesifazane okungalibonanga ilanga.


Base bemphanyeka-ke uHamani emthini ayewulungisele uMoridekayi. Yayisibohla intukuthelo yenkosi.


UHamani wabalandisa udumo lwengcebo yakhe, nobuningi babantwana bakhe, nakho konke inkosi emkhulisile kukho, nalokho emphakamisile kukho phezu kwezikhulu nezinceku zenkosi.


URehobowamu wamthanda uMahakha indodakazi ka-Abisalomu phezu kwabo bonke abafazi bakhe nezancinza zakhe, ngokuba wathatha abafazi abayishumi nesishiyagalombili nezancinza ezingamashumi ayisithupha, wazala amadodana angamashumi amabili nesishiyagalombili namadodakazi angamashumi ayisithupha.


nasemadodaneni ami onke, ngokuba uJehova ungiphe amadodana amaningi, ukhethe uSolomoni indodana yami ukuba ahlale esihlalweni sobukhosi sombuso kaJehova kwa-Israyeli.


U-Ahabi wayenamadodana angamashumi ayisikhombisa eSamariya. UJehu waloba izincwadi, wazithuma eSamariya ezinduneni zaseJizreyeli kumalunga nakubondli bakwa-Ahabi, wathi:


Waphakamisa amehlo akhe, wabona abesifazane nabantwana, wathi: “Bangobani laba onabo na?” Wathi: “Bangabantwana uNkulunkulu ayiphe bona inceku yakho ngomusa.”


ngokuba kufika ngeze, kumuke ebumnyameni, igama lakho lisitshekelwa ngubumnyama.


“Angifanga ngani esizalweni na? Angibhubhanga ngani ekuphumeni kwami esiswini na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite