Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UmShumayeli 6:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 umuntu uNkulunkulu amnika ingcebo, nemfuyo, nodumo, aze angasweli lutho lomphefumulo wakhe kukho konke akufisayo, uNkulunkulu angamniki nokho amandla okudla kukho, kepha kudliwa ngumfokazi; lokho kuyize, kuyisifo esibi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 UNkulunkulu umuntu umuphe ingcebo, impahla, nodumo ukuze angesweli lutho alufisayo, kepha uNkulunkulu akamniki amandla okukudla; kufika umfokazi azitike ngakho, lokho kuyize; kungukushaywa kabuhlungu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Umuntu uNkulunkulu amnike ingcebo nodumo, angasweli lutho emphefumulweni wakhe kukho konke akufisayo, kepha uNkulunkulu akamniki amandla okukudla, kepha owezizweni uyakudla; kuyize, kuyize. yisifo esibi.

Gade chapit la Kopi




UmShumayeli 6:2
24 Referans Kwoze  

Futhi bonke abantu uNkulunkulu abaphe ingcebo nemfuyo, abanike futhi namandla okudla kukho ukuba bathathe izabelo zabo, bathokoze ngomshikashika wabo lokho kuyisipho sikaNkulunkulu.


nakubantu ngesandla sakho, Jehova, abantu baleli zwe abasabelo sabo sikulokhu kuphila, nabasisu sabo usigcwalisa ngengcebo yakho, nabashiyela izingane zabo okusele kubo.


Amehlo abo aphinqekile ngokunona; imicabango yenhliziyo iyachichima.


Ngikunika futhi nalokho ongakucelanga, imfuyo nodumo, ngangokuba kungayikubakho onjengawe phakathi kwamakhosi zonke izinsuku zakho.


Ifa lethu seliphendulelwe abafokazi, nezindlu zethu kwabezizwe.


“Impela umuntu uhamba njengesithunzi nje; impela uzikhathaza ngokuyize nje; unqwabela imfuyo, kepha akazi ukuthi ngubani ozakuyibutha.


Abafokazi badlile amandla akhe, kepha yena akazi; izimvi zikhahlele kuye, kepha yena akazi.


“E nkosi, uNkulunkulu oPhezukonke wanika uNebukadinesari uyihlo umbuso, nobukhulu, nodumo, nobukhosi;


Nalokho kungububi obudabukisayo ukuthi uyamuka kukho konke njengokufika kwakhe; unanzuzoni ukuthi ushikashikele umoya na?


Kukhona oyedwa, kanaye owesibili, yebo, akanamntwana, kanamfowabo, nokho ukuphela komshikashika wakhe akukho, namehlo akhe awasuthi ngengcebo. Uthi: “Ngishikashikela-bani, ngiswezisela umphefumulo wami ngokuhle, na?” Nalokho kuyize nenhlupheko embi.


Futhi ngabona wonke umshikashika nakho konke okwenziwe ngekhono ukuthi kungumhawu womuntu ngomakhelwane wakhe. Nalokho kuyize nokufuna umoya.


Wayesethi uNkulunkulu kuSolomoni: “Ngenxa yokuba lokho kwakusenhliziyweni yakho, ungacelanga ingcebo, nemfuyo, nodumo, nokuphila kwabakuzondayo, futhi ungacelanga imihla eminingi, kepha wazicelela ukuhlakanipha nokwazi ukuba wahlulele abantu bami engikubeke inkosi phezu kwabo,


Wafa esemdala, esanelisiwe yizinsuku nengcebo nodumo; uSolomoni indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.


UJehova wamkhulisa uSolomoni kakhulu emehlweni abo bonke abakwa-Israyeli, wamnika udumo lobukhosi olungazange lube khona nakuyiphi inkosi yakwa-Israyeli phambi kwakhe.


Nxa nihamba, niyakufika kubantu abalondekileyo, izwe libanzi, ngokuba uNkulunkulu ulinikele esandleni senu, indawo lapho kungekho khona ukuswela lutho olusemhlabeni.”


“Umfokazi ophakathi kwakho uyakuphakama phezu kwakho njalonjalo, wena wehle njalonjalo.


Izithelo zomhlabathi wakho nayo yonke imisebenzi yakho kuyakudliwa yisizwe ongasaziyo, wena ucindezelwe kuphela, uchotshozwe


Kukhona ububi obudabukisayo engibubonile phansi kwelanga: ingcebo egcinelwe umniniyo ukuba imlimaze;


Niyichithelani imali kukho okungesiso isinkwa, nenzuzo yenu kukho okunganelisiyo, na? Ngilaleleni nokungilalela, nidle okuhle, umphefumulo wenu ujabule ngamanoni.


Bheka, engikubonile mina ukuthi kuhle futhi kumnandi kumuntu kungukudla, nokuphuza, nokubona okuhle kuwo wonke umshikashika wakhe awushikashikayo phansi kwelanga zonke izinsuku zokuphila kwakhe uNkulunkulu amnika zona; ngokuba lokhu kuyisabelo sakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite