Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UmShumayeli 6:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Okukhona kwake kwabizwa ngegama; kwaziwa ukuthi umuntu uyakuba yini; akanakwahlulelana nonamandla kunaye.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 Osekwake kwaba khona sekwaqanjwa igama, kuyaziwa ukuthi umuntu uyokuba yini, nokuthi akakwazi ukuphikisana nalowo onamandla kunaye.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Lokho osekukhulunyiwe, futhi kuyaziwa ukuthi kungumuntu;

Gade chapit la Kopi




UmShumayeli 6:10
18 Referans Kwoze  

Ngokuba akasiye umuntu onjengami ukuba ngingase ngimphendule, siye kanyekanye ekwahlulelweni.


“Osolayo uyakuphikisana noSomandla na? Omkhuza uNkulunkulu makaphendule.”


“Bheka, njengengonyama ekhuphuka ezihlahleni zaseJordani, iye endaweni eyinqaba, ngiyakubazuma, ngibagijimise, basuke kuyo; nobani okhethwayo ngiyakumbeka phezu kwabo, ngokuba ngubani onjengami, ngubani onginqumelayo, ngumuphi umalusi oyakuma phambi kwami, na?”


Lokhu okukhona yikho okwakukhona, nalokhu okuyakuba khona kade kwakukhona; uNkulunkulu ufuna okudlulileyo.


Umphikiselani ngokuthi: Akaphenduli nelilodwa lamazwi ami.


“Impela umuntu uhamba njengesithunzi nje; impela uzikhathaza ngokuyize nje; unqwabela imfuyo, kepha akazi ukuthi ngubani ozakuyibutha.


Izinsuku zomuntu zinjengotshani; uyakhahlela njengembali yasendle.


Kepha uJehova uNkulunkulu wambiza u-Adamu, wathi kuye: “Uphi na?”


Kumbe siyayivusela iNkosi ulaka na? Kanti sinamandla kunayo na?


Akukho ukuhlakanipha, akukho ukuqonda, nesiluleko, okungamelana noJehova.


Lokhu kukhona amazwi amaningi akwandisa okuyize, umuntu unanzuzoni na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite