Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UmShumayeli 5:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 futhi uma ingcebo ichithwa ngengozi embi, indodana ayizalileyo ayinalutho esandleni sayo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

14 Lowo mcebo walahleka ngendlela embi, ngisho nendodana ayizalayo ayangathola lutho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Kodwa leyo ngcebo ibhubha ngomsebenzi omubi, futhi izala indodana, kungekho lutho esandleni sayo.

Gade chapit la Kopi




UmShumayeli 5:14
17 Referans Kwoze  

“Nabheka okuningi; bhekani, kwaphenduka okuncane; lapho nakuletha ekhaya, ngakuphephetha. Ngani na?” usho uJehova Sebawoti. “Ngenxa yendlu yami eyize, nina nisagijimela, kube yilowo nalowo endlini yakhe.


Ngokuba umuntu omuhle kuNkulunkulu uyamnika ukuhlakanipha, nokwazi, nentokozo, kepha isoni usinika usizi lokuba sibuthe, siqongelele, ukuze simnike yena omuhle kuNkulunkulu. Nalokho kuyize nokufuna umoya.


Amehlo akho ayandizela kulokho, kepha akusekho, ngokuba kuyazenzela impela amaphiko njengokhozi olundizela ezulwini.


“Impela umuntu uhamba njengesithunzi nje; impela uzikhathaza ngokuyize nje; unqwabela imfuyo, kepha akazi ukuthi ngubani ozakuyibutha.


abakuvuna kwabo kudliwa ngabalambileyo, bakukhipha nasemeveni; abanxanelayo basezela impahla yabo.


Wathatha ingcebo yendlu kaJehova nengcebo yendlu yenkosi, yebo, wathatha konke, wathatha zonke izihlangu zegolide ezenziwe nguSolomoni.


Kuyakuthi bonke abasele endlini yakho bafike bamkhothamele ngohlamvu lwesiliva neqebelengwane lesinkwa, bathi: “Ake ungibeke kwesinye sezikhundla zompristi ukuba ngidle ucezu lwesinkwa.” ’ ”


Kukhona ububi obudabukisayo engibubonile phansi kwelanga: ingcebo egcinelwe umniniyo ukuba imlimaze;


Njengalokho aphuma esizalweni sikanina, uyakubuye amuke, ahambe ze njengasekufikeni kwakhe, engatholi lutho ngomshikashika wakhe, ahambe nalo esandleni sakhe.


wathi: “Ngaphuma ngize esizalweni sikamame; ngiyakubuyela khona ngize; uJehova wapha, uJehova uthathile; malibongwe igama likaJehova.”


Noma ebusisa umphefumulo wakhe esaphila, futhi abantu bekudumisa, ngokuba uzondle kahle,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite