Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UmShumayeli 5:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Kukhona ububi obudabukisayo engibubonile phansi kwelanga: ingcebo egcinelwe umniniyo ukuba imlimaze;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

13 Ngibone ububi obudabukisayo phansi komthunzi welanga; ingcebo egcinwe ngumniniyo imlethela usizi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Kukhona ububi obukhulu engibubonile phansi kwelanga, ingcebo egcinelwe abaniniyo kube kubi kubo.

Gade chapit la Kopi




UmShumayeli 5:13
29 Referans Kwoze  

Wayesephuma uLoti, wakhuluma nabakhwenyana bakhe ababeyakuthatha amadodakazi akhe, wathi: “Sukani niphume kule ndawo, ngokuba uJehova uyakuchitha umuzi.” Kepha wayenjengontelayo emehlweni abakhwenyana bakhe.


“Kwakukhona umuntu othile onothileyo, owayegqoka ezibubende nezelineni elihle, ezijabulisa imihla ngemihla etamasa.


Nasiliva labo nagolide labo akuyikuba namandla okubophula ngosuku lwentukuthelo lukaJehova, kepha umhlaba wonke uyakudliwa ngumlilo womhawu wakhe, ngokuba uyakuqeda, yebo, aqede ngokuzumayo bonke abakhileyo ezweni.”


Ngabona konke lokho, ngabeka inhliziyo yami kuyo yonke imisebenzi eyenziwa phansi kwelanga ngesikhathi lapho umuntu ebusa omunye kube ngukulimala kwakhe.


Kukhona oyedwa, kanaye owesibili, yebo, akanamntwana, kanamfowabo, nokho ukuphela komshikashika wakhe akukho, namehlo akhe awasuthi ngengcebo. Uthi: “Ngishikashikela-bani, ngiswezisela umphefumulo wami ngokuhle, na?” Nalokho kuyize nenhlupheko embi.


Ingcebo ayisizi ngosuku lolaka, kepha ukulunga kophula ekufeni.


Ngokuba ukuhlehla kwabangenalwazi kuyakubabulala, nokunganaki kweziwula kuyakubabhubhisa.


Zinjalo izindlela zabo bonke abaphanga impango; iyasusa ukuphila komniniyo.


Wabuyisa yonke impahla, wambuyisa noLoti umzalwane wakhe, nempahla yakhe, nabesifazane, nabantu.


Kodwa uZakewu wasukuma, wathi eNkosini: “Bheka, Nkosi, ngipha abampofu inxenye yempahla yami; kuthi uma ngimaphucile umuntu into ngamacebo, ngiyibuyisa iphindwe kane.”


Ngalolo suku abantu bayakulahla kuwo amavukuzi nakuwo amalulwane izithombe zabo zesiliva nezithombe zabo zegolide, abazenzele zona ukuba bakhuleke kuzo,


Kepha umkakhe wabheka emva kwakhe, waba yinsika kasawoti.


“Ngokuba wayengazi ukuthula esiswini sakhe; kayikuphepha nalutho kulokho akufisayo.


futhi uma ingcebo ichithwa ngengozi embi, indodana ayizalileyo ayinalutho esandleni sayo.


Ungakhandlekeli ukuceba; kuyeke ngokuqonda kwakho.


Ngokuba ingcebo ayiyikuhlala kuze kube phakade; umqhele uyahlala izizukulwane ngezizukulwane na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite