Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UmShumayeli 5:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Lapho okuhle kwanda, nabakudlayo bayanda; kulusizo luni kumninikho ngaphandle kokuba akubone ngamehlo akhe na?

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 Uma impahla yanda, bayanda nabayidlayo; uzuzani umnikazi ngaphandle kokubuka ngeso na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Lapho kwanda okuhle, bayanda abakudlayo;

Gade chapit la Kopi




UmShumayeli 5:11
16 Referans Kwoze  

ngokuba konke okusezweni, inkanuko yenyama, nenkanuko yamehlo, nokuzigabisa ngalokhu kuphila, akuveli kuYise, kodwa kuvela ezweni.


Bheka, akuveli kuJehova Sebawoti ukuthi abantu bakhandlekela umlilo, izizwe zizikhathaze ngokuyize, na?


Amehlo akho ayandizela kulokho, kepha akusekho, ngokuba kuyazenzela impela amaphiko njengokhozi olundizela ezulwini.


Kungcono ukubona kwamehlo kunokuzulazula kwesifiso; nalokhu kuyize nokufuna umoya.


Thokoza, nsizwa, ebusheni bakho, inhliziyo yakho ikuphe ukwenama emihleni yobunsizwa bakho, uhambe ngezindlela zenhliziyo yakho njengokubona kwamehlo akho, kepha yazi ukuthi ngakho konke lokho uNkulunkulu uyakukungenisa ekwahlulelweni.


U-Abrama wayefuyile kakhulu izinkomo, nesiliva, negolide.


U-Abrama waphathwa kahle ngenxa yakhe; waba nezimvu, nezinkabi, nezimbongolo, nezinceku, nezincekukazi, nezimbongolokazi, namakamela.


Intendele efukamela ingazalanga, unjalo owenza ingcebo ngokungalungi; iyakumshiya phakathi nezinsuku zakhe, abe yisiwula ngasekugcineni.


Ngase ngikhula ngaba mkhulu kunabo bonke ababe phambi kwami eJerusalema. Nokuhlakanipha kwami kwakumi ngakimi.


Ubuthongo besisebenzi bumnandi, noma sidla okuyingcosana noma okuningi, kepha ukusutha kocebileyo akumvumeli ukuba alale.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite