Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UmShumayeli 4:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Kukhona oyedwa, kanaye owesibili, yebo, akanamntwana, kanamfowabo, nokho ukuphela komshikashika wakhe akukho, namehlo akhe awasuthi ngengcebo. Uthi: “Ngishikashikela-bani, ngiswezisela umphefumulo wami ngokuhle, na?” Nalokho kuyize nenhlupheko embi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 umuntu owayengenabani, engenandodana namfowabo, nokho umshikashika wakhe ungenamkhawulo, namehlo akhe enganeliseki wumcebo. Uthi: “Ngisebenzela bani kangaka, ngizincisha intokozo na?” Nalokho kuyize nomsebenzi ongajabulisi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Kukhona oyedwa, akakho owesibili; yebo, akanamntwana noma umfowabo; nokho umshikashika wakhe awupheli; futhi iso lakhe alisuthi ingcebo; akasho ukuthi: Ngisebenzela bani, ngiphuce umphefumulo wami okuhle na? Kuyize futhi, yebo, kuyinkathazo ebuhlungu.

Gade chapit la Kopi




UmShumayeli 4:8
21 Referans Kwoze  

ngokuba konke okusezweni, inkanuko yenyama, nenkanuko yamehlo, nokuzigabisa ngalokhu kuphila, akuveli kuYise, kodwa kuvela ezweni.


Indawo yabafileyo nokubhubha akusuthi, namehlo omuntu awasuthi.


“Kepha uNkulunkulu wathi kuye: ‘Wena siwula, ngalobu busuku umphefumulo wakho uzakubizwa kuwe; pho-ke, izinto ozilungisileyo ziyakuba ngezikabani na?’


Zonke izinto ziyakhandleka, akakho ongakuphimisa; iso alisuthi ngokubona, nendlebe ayigcwali ngokuzwa.


“Zanini kimi nina nonke enikhatheleyo nenisindwayo, mina ngizakuniphumuza.


Nganikela inhliziyo yami ukufuna nokuvivinya ngokuhlakanipha konke okwenziwa phansi kwezulu; kungumshikashika omubi uNkulunkulu awunikile amadodana abantu ukuba awushikashike.


Wo kubona abahlanganisa indlu nendlu, besondeza insimu nensimu, kuze kungabe kusaba khona indawo, kwakhe nina nodwa emhlabeni!


Othanda imali akayikusutha ngemali, nothanda okuningi akaneliswa yizithelo; nalokho kuyize.


“Impela umuntu uhamba njengesithunzi nje; impela uzikhathaza ngokuyize nje; unqwabela imfuyo, kepha akazi ukuthi ngubani ozakuyibutha.


UJehova uNkulunkulu wathi: “Akukuhle ukuba umuntu ahlale yedwa. Ngizakumenzela umsizi onjengaye.”


Niyichithelani imali kukho okungesiso isinkwa, nenzuzo yenu kukho okunganelisiyo, na? Ngilaleleni nokungilalela, nidle okuhle, umphefumulo wenu ujabule ngamanoni.


Ngokuba zonke izinsuku zakhe zinobuhlungu, nomsebenzi wakhe ulusizi; yebo, nasebusuku inhliziyo yakhe ayiphumuli; nalokho kuyize.


Ngokuba kukhona umuntu omshikashika wakhe wenziwe ngokuhlakanipha, nangokwazi, nangekhono, kepha nokho uyakuwunikeza kumuntu ongawushikashikanga kube yisabelo sakhe. Nalokho kuyize nobubi obukhulu.


Ngase ngibuye ngabona okunye okuyize phansi kwelanga:


“Kalokhu-ke, Nkosi, ngilindele ntoni na? Ithemba lami likuwe.


Inkosi esebenzela amasimu iyinsizakalo yezwe kukho konke.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite