Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UmShumayeli 4:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Futhi ngabona wonke umshikashika nakho konke okwenziwe ngekhono ukuthi kungumhawu womuntu ngomakhelwane wakhe. Nalokho kuyize nokufuna umoya.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 Ngase ngibona ukuthi wonke umshikashika, nalo lonke ikhono emsebenzini, kudalwa ngumona. Nalokho kuyize, kufana nokuthi uyoze ubambe utalagu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Ngabuye ngabona wonke umsebenzi onzima nawo wonke umsebenzi omuhle, ukuthi ngenxa yalokho umuntu uba nomhawu ngomakhelwane wakhe. Kuyize nokufuna umoya.

Gade chapit la Kopi




UmShumayeli 4:4
19 Referans Kwoze  

kungabi njengoKayini owaba ngowomubi, wabulala umfowabo; wambulalelani na? Ngokuba imisebenzi yakhe yayimibi, kepha eyomfowabo yayilungile.


Ngiyibonile yonke imisebenzi eyenziwayo phansi kwelanga; bheka, konke kuyize nokufuna umoya.


Ngokuba kukhona umuntu omshikashika wakhe wenziwe ngokuhlakanipha, nangokwazi, nangekhono, kepha nokho uyakuwunikeza kumuntu ongawushikashikanga kube yisabelo sakhe. Nalokho kuyize nobubi obukhulu.


Ngokuba umuntu omuhle kuNkulunkulu uyamnika ukuhlakanipha, nokwazi, nentokozo, kepha isoni usinika usizi lokuba sibuthe, siqongelele, ukuze simnike yena omuhle kuNkulunkulu. Nalokho kuyize nokufuna umoya.


Ngokuba wayekwazi ukuthi bamnikele ngomhawu.


Lokhu kukhona amazwi amaningi akwandisa okuyize, umuntu unanzuzoni na?


Kungcono ukubona kwamehlo kunokuzulazula kwesifiso; nalokhu kuyize nokufuna umoya.


kwakungekho ukuphela kwabantu bonke, bonke ayephambi kwabo; nokho abafika emuva abayikuthokoza ngaye. Impela nalokho kuyize nokufuna umoya.


Ulaka lulunya nentukuthelo iyisikhukhula, kepha ngubani ongema phambi komhawu na?


Niyacabanga yini ukuthi umbhalo usho ngeze ukuthi: “Umoya awuhlalisa kithi unxanela ngokomhawu,” na?


“Okhokho baba nomhawu ngoJosefa, bathengisa ngaye, wasiwa eGibithe; kodwa uNkulunkulu wayenaye,


Nganikela inhliziyo yami ukwazi ukuhlakanipha nokwazi ubuhlanya nobuwula. Ngase ngibona ukuthi nalokho kwakungukufuna umoya.


Wayenemfuyo yezimvu, nemfuyo yezinkomo, nezinceku eziningi; amaFilisti ayenomhawu ngaye.


Wayesezwa amazwi amadodana kaLabani, ethi: “UJakobe uthathile konke okwakungokukababa; ngokwakungokukababa uzizuzele lonke lolu dumo.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite