Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UmShumayeli 3:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 isikhathi sokuthanda nesikhathi sokuzonda, isikhathi sokulwa nesikhathi sokuzola.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 isikhathi sokuthanda, nesikhathi sokuzonda; isikhathi sokulwa, nesikhathi sokuthula.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 isikhathi sokuthanda nesikhathi sokuzonda; isikhathi sempi nesikhathi sokuthula.

Gade chapit la Kopi




UmShumayeli 3:8
19 Referans Kwoze  

Madoda, thandani omkenu, njengalokho noKristu ulithandile ibandla, wazinikela ngenxa yalo


“Uma umuntu eza kimi engamzondi uyise, nonina, nomkakhe, nabantwana, nabafowabo, nawodadewabo, yebo, nokuphila kwakhe, angebe ngumfundi wami.


Kepha manje uJehova uNkulunkulu wami unginike ukuphumula nxazonke; kakho omelana nami, akukho ngozi.


Ngiyayazi imisebenzi yakho, nemizamo yakho, nokubekezela kwakho, nokuthi kawunakubamela ababi; wabavivinya abazisho ukuthi bangabaphostoli bengesibo, wabafumana beqamba amanga;


Jehova, angibazondi abakuzondayo na? Anginengwa ngabakuvukelayo na?


UJehu, indodana kaHanani umboni, waphuma ukumhlangabeza, wathi enkosini uJehoshafati: “Usiza yini ababi, uthanda abamzondayo uJehova na? Ngalokho intukuthelo iphezu kwakho ivela kuJehova.


ukuze bafundise abesifazane abasha ukuthanda amadoda abo, bathande nabantwana babo;


nokulwazi uthando lukaKristu oludlula ukwazi konke, ukuze nigcwaliswe kube ngukugcwala konke kukaNkulunkulu.


“ ‘Lapho ngidlula kuwe, ngikubona, bheka, kwakuyisikhathi sakho, isikhathi sokuthanda; ngeneka ingubo yami phezu kwakho, ngembathisa ubunqunu bakho; yebo, ngafunga kuwe, ngangena esivumelwaneni nawe, isho iNkosi uJehova, waba ngowami.


Wathatha-ke uJoshuwa izwe lonke njengakho konke uJehova abekukhulumile kuMose; uJoshuwa walinika u-Israyeli libe yifa lakhe ngokwezabelo zabo nezizwe zabo. Izwe lase liphumula ekulweni.


Angizukubeka phambi kwamehlo ami into embi; ukwenza kwabahlubukayo ngiyakuzonda; akuyikunamathela kimi.


Olungileyo uyazonda amazwi amanga, kepha omubi ubanga amahloni, ahlazise.


Kwathi uJoramu esembonile uJehu, wathi: “Kusahleziwe kahle, Jehu, na?” Wathi: “Ukuhlala kahle kuni, kuse kuningi ukufeba nokulumba kukanyoko u-Izebeli, na?”


Wayiguqula inhliziyo yabo ukuba bazonde abantu bakhe, baphathe izinceku zakhe ngobuqili.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite