Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UmShumayeli 3:19 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Ngokuba okwehlela amadodana abantu kwehlela nezilwane, into inye ikwehlela kokubili: njengalokhu kufa lokho, kuyafa nalokhu; kunomphefumulo munye, umuntu akazidluli ngalutho izilwane, ngokuba konke kuyize.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

19 Ngokuba okuvelela abantu kuyafana nokwehlela izilwane; njengoba umuntu efa, kanjalo nesilwane siyafa. Konke kunomoya ofanayo, umuntu akazedluli izilwane, ngokuba konke kuyize.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Ngokuba okwehlela abantwana babantu kwehlela nezilwane; lokunye kubehlela: njengokufa komuntu, kuyafa lokunye; yebo, banomoya munye bonke; ukuze umuntu angabibikho ngaphezu kwesilwane, ngokuba konke kuyize.

Gade chapit la Kopi




UmShumayeli 3:19
18 Referans Kwoze  

Kepha umuntu, nokuba enodumo, akayikuma; ufana nezilwane ezibhubhayo.


Umuntu onodumo engenakuqonda unjengezilwane ezibhubhayo.


Ngokuba akukho ukukhunjulwa kohlakaniphileyo nokwesiwula kuze kube phakade, lokhu ezinsukwini ezizayo konke kuyakube sekukhohlakele. Nohlakaniphileyo akafi njengesiwula na?


Ohlakaniphileyo unamehlo ekhanda lakhe, kepha isiwula sihamba ebumnyameni; nokho ngabona ukuthi umehlo munye wehlela bonke.


Uyasitheza ubuso bakho, zethuke; uyasusa umphefumulo wazo, zife, zibuyele othulini lwazo.


Ngokuba simelwe ukufa, sinjengamanzi achithwa emhlabathini, angenakuqoqwa futhi; uNkulunkulu akasusi ukuphila, kepha uqamba amasu ukuba oxoshiweyo angabi ngumxoshwa kuye.


Uma laba bantu befa ngokufa kwabantu bonke, noma behlelwa ngokwehlela abantu bonke, uJehova uyakube kangithumanga.


Kungcono ukuya endlini yokulila kunokuya endlini yedili, ngokuba lokho kungukuphela kwabantu bonke; nophilayo makakubeke enhliziyweni yakhe.


Konke kungabehlela bonke, olungileyo nomubi, omuhle nohlambulukileyo nongcolileyo, onikela ngomhlatshelo nongenawo umhlatshelo, omuhle abe njengesoni, ofungayo njengowesaba isifungo.


Ngokuba umuntu akasazi isikhathi sakhe; njengezinhlanzi ezibanjwa enetheni elibi nezinyoni ezibanjwa ogibeni, kanjalo amadodana abantu abekelwa isihibe ngesikhathi esibi, lapho siwehlela ngokuzumayo.


Le ndlela yabo ingubuwula babo, balandelwa ngabavumela umlomo wabo. Sela*


Ngiyibonile yonke imisebenzi eyenziwayo phansi kwelanga; bheka, konke kuyize nokufuna umoya.


Nganikela inhliziyo yami ukwazi ukuhlakanipha nokwazi ubuhlanya nobuwula. Ngase ngibona ukuthi nalokho kwakungukufuna umoya.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite