Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UmShumayeli 3:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Ngiyazi ukuthi akukho okuhle kubo kunokuba bathokoze, bazenzele okumnandi besekhona.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 Ngiyazi ukuthi akukho okuhle kubo kunokuthokoza nokuzithokozisa, inqobo nje uma besaphila,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Ngiyazi ukuthi akukho okuhle kubo, kodwa ukuthi umuntu uyajabula futhi enze okuhle ekuphileni kwakhe.

Gade chapit la Kopi




UmShumayeli 3:12
17 Referans Kwoze  

Themba kuJehova, wenze okulungileyo; hlala ezweni, uzondle ngokukholeka;


Ngase ngibona-ke ukuthi akukho okungcono kunokuba umuntu athokoze ngemisebenzi yakhe, lokhu kuyisabelo sakhe, ngokuba ngubani ongambuyisa ukuba abone okuyakuba semva kwakhe na?


benze okuhle, bacebe ngemisebenzi emihle, baphane, babelane,


Kukho konke ngangikhombisa ukuthi kumelwe ukuba nisize ababuthakathaka ngokusebenza okunje, nikhumbule futhi amazwi eNkosi uJesu ukuba yena wathi: ‘Kubusisekile ukupha kunokwamukela.’ ”


Kepha yiphani okungaphakathi kube yisiphiwo sabampofu, bhekani-ke, kobe kuhlambulukile konke kini.


Wahlangabeza labo ababethokoza ngokwenza ukulunga, labo abakukhumbulayo ezindleleni zakho. Wena wathukuthela, thina sona; sahlala kukho nasendulo; siyakusindiswa na?


Kuyakuthi njengalokho uJehova wayejabula ngani ukunenzela okuhle nokunandisa, kanjalo uJehova ajabule ngani ukwenza ukuba nibhubhe, niqothulwe, nisishulwe ezweni eningena kulo ukulidla.


nidle khona phambi kukaJehova uNkulunkulu wenu, nename kukho konke enibeka kukho isandla senu, nina nabendlu yenu, uJehova uNkulunkulu wakho akubusise ngakho.


kepha ukudle phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho kuleyo ndawo ayakuyikhetha uJehova uNkulunkulu wakho, wena nendodana yakho, nendodakazi yakho, nenceku yakho, nencekukazi yakho, nomLevi ophakathi kwamasango akho, wename phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho kukho konke obeka kukho isandla sakho.


wename ngakho konke okuhle uJehova uNkulunkulu wakho akunikile khona wena nendlu yakho, wena nomLevi, nomfokazi ophakathi kwakho.


Ngaphenya enhliziyweni yami ukuba ngiyakuthokozisa kanjani umzimba wami ngewayini, inhliziyo ingihole nokho ngokuhlakanipha, nokuba ngibambe ubuwula, ngize ngibone ukuthi kuyini okuhle kumadodana abantu ukuba akwenze phansi kwezulu ezinsukwini zonke zokuphila kwawo.


Akukho okuhle kumuntu kunalokhu kokuba adle, aphuze, abonise umphefumulo wakhe okuhle emshikashikeni wakhe, kepha nalokho ngakubona ukuthi kuvela esandleni sikaNkulunkulu.


Ngase ngibabaza intokozo, ngokuba umuntu akanakho okuhle phansi kwelanga kunokudla, nokuphuza, nokujabula; lokhu kuyakuhlala kuye emshikashikeni wakhe ezinsukwini zokuphila kwakhe aziphiweyo nguNkulunkulu phansi kwelanga.


Thokoza, nsizwa, ebusheni bakho, inhliziyo yakho ikuphe ukwenama emihleni yobunsizwa bakho, uhambe ngezindlela zenhliziyo yakho njengokubona kwamehlo akho, kepha yazi ukuthi ngakho konke lokho uNkulunkulu uyakukungenisa ekwahlulelweni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite