Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UmShumayeli 3:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Wenzile konke kube kuhle esikhathini sakho, ubekile nokuphakade ezinhliziyweni zabo; nokho umuntu angefumane umsebenzi awenzile uNkulunkulu kwasekuqaleni kuze kube sekupheleni.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 Konke ukwenze kwafanela isikhathi sakho, ngaphezu kwalokho wabeka ukulangazelela iphakade ezinhliziyweni zabantu, kodwa abakwazi ukuyazi imisebenzi kaNkulunkulu kusukela ekuqaleni kwayo kuze kube sekugcineni kwayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Wenza konke kwaba kuhle ngesikhathi sakho; futhi wafaka izwe enhliziyweni yabo, ukuze kungabikho muntu ongathola umsebenzi uNkulunkulu awenzayo kusukela ekuqaleni kuze kube sekupheleni.

Gade chapit la Kopi




UmShumayeli 3:11
19 Referans Kwoze  

Yeka ukujula kwengcebo, nokuhlakanipha, nokwazi kukaNkulunkulu! Yeka izahlulelo zakhe ezingaphenyekiyo, nezindlela zakhe ezingaqondakaliyo!


“Ungathola imfihlakalo kaNkulunkulu na? Ungamfumana uSomandla kuze kube sekupheleleni kwakhe na?


ngase ngiqonda wonke umsebenzi kaNkulunkulu ukuthi umuntu akanakuwubamba umsebenzi owenziwa phansi kwelanga, ngokuba noma umuntu eshikashikeka kangakanani ukuwuhlola, angewuthole, yebo, nakuba ohlakaniphileyo ecabanga ukuthi uyawazi, akanakuwuthola.


yena owenza izinto ezinkulu ezingaphenyekiyo, izimangaliso ezingenakubalwa,


UNkulunkulu wabona konke akwenzileyo; bheka, kwakukuhle kakhulu. Kwaba ngukuhlwa, kwaba ngukusa, usuku lwesithupha.


Bamangala nokumangala, bathi: “Wenze kahle konke; nezithulu uzenza zizwe, nezimungulu zikhulume.”


“Uyidwala, umsebenzi wakhe uphelele, ngokuba zonke izindlela zakhe zingukulunga; unguNkulunkulu wokuthembeka ongenakonakala; ulungile, uqotho yena.


Jehova, yeka ubuningi bemisebenzi yakho; yonke uyenzile ngokuhlakanipha; umhlaba ugcwele izidalwa zakho.


Bheka, lokhu kuphela ngikufumene ukuthi uNkulunkulu wamenza umuntu waba qotho, kepha bona bafunile amacebo amaningi.”


Nanjengalokho bengakunakanga ukumazi uNkulunkulu, uNkulunkulu wabanikela engqondweni yokunganaki ukwenza okungafanele,


Futhi-ke ohlwanyelwe emeveni nguye olizwa izwi, kepha iminako yalesi sikhathi nokukhohlisa kwengcebo kuminyanisa izwi, abe ngongatheliyo.


“Konke ngikunikelwe nguBaba; akakho owazi iNdodana, kuphela uYise; akakho futhi owazi uYise, kuphela iNdodana nalowo iNdodana ethanda ukumambulela yena.


USomandla singemqonde; mkhulu ngamandla nangokwahlulela; ngokulunga kwakhe okukhulu akoni lutho.


UJehova wenzile konke kube nomgomo wakho; yebo, nomubi umenzele usuku olubi.


Nganikela inhliziyo yami ukufuna nokuvivinya ngokuhlakanipha konke okwenziwa phansi kwezulu; kungumshikashika omubi uNkulunkulu awunikile amadodana abantu ukuba awushikashike.


Bona umsebenzi kaNkulunkulu, ngokuba ngubani ongelula lokho akugobileyo na?


Konke lokho ngikuvivinyile ngokuhlakanipha, ngathi: “Ngiyakuhlakanipha,” kepha kwakusala kude nami.


Njengalokhu ungazi indlela yomoya ukuthi iphi, nokubunjwa kwamathambo esizalweni sokhulelweyo, kanjalo awuyazi nemisebenzi kaNkulunkulu owenza konke.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite