Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UmShumayeli 2:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Ngazibuthela futhi isiliva negolide, nemfuyo yamakhosi, nezifunda; ngathola abahlabeleli, abesilisa nabesifazane, nalokho athokoza ngakho amadodana abantu: isancinza, yebo, izancinza eziningi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 Ngaziqongelelela isiliva, negolide, nengcebo yamakhosi neyezifundazwe. Ngaqoqa abahlabeleli besilisa nabesifazane, nalokho okuthokozisa amadodana abantu, nezancinza eziningi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Ngazibuthela futhi isiliva negolide, nengcebo yamakhosi nezifunda, ngaba abahlabeleli, nezintombi zezingoma, nentokozo yabantwana babantu, njengezinsimbi zomculo, nazo zonke izinhlobo.

Gade chapit la Kopi




UmShumayeli 2:8
21 Referans Kwoze  

Yanika inkosi amatalenta* ayikhulu namashumi amabili egolide, namakha amaningi kakhulu, namatshe ayigugu; akuzange kusafika amakha amaningi kangaka njengalawo inkosi uSolomoni eyaphiwa wona yinkosikazi yaseSheba.


Zafika e-Ofiri, zalanda khona igolide, amatalenta* angamakhulu amane namashumi amabili, zaliletha enkosini uSolomoni.


Namuhla ngineminyaka engamashumi ayisihiyagalombili; ngingahlukanisa okuhle nokubi yini? Inceku yakho ingezwa ekudlayo nekuphuzayo na? Ngingabe ngisalizwa izwi lamadoda ahlabelelayo nabesifazane abahlabelelayo na? Inceku yakho isezakuba ngumthwalo wenkosi yami, inkosi, ngani na?


Isisindo segolide elalifika kuSolomoni iminyaka yonke sasingamatalenta* angamakhulu ayisithupha namashumi ayisithupha nesithupha egolide


Bahaya ngomsindo wogubhu, baziqambela izinto zokubethwa njengoDavide.


Manje uma nilungele ukuba ngesikhathi enizwa ngaso ukukhala kwecilongo, negenkle, nehabhu,* nomqangala, nogubhu, negemfe, nazo zonke izinhlobo zokubethwa, niwe phansi, nikhuleke esithombeni engisenzileyo, kuhle; kepha uma ningakhuleki, niyakuphonswa ngasona leso sikhathi phakathi kwesithando somlilo ovuthayo; ngumuphi lowo nkulunkulu oyakunikhulula ezandleni zami na?”


Ngalokho lapho abantu bezwa ukukhala kwecilongo, negenkle, nehabhu,* nomqangala, nogubhu, nazo zonke izinhlobo zokubethwa, bonke abantu, nezizwe, nezilimi bawa phansi, bakhuleka esithombeni segolide asimisileyo uNebukadinesari inkosi.


ukuba ngesikhathi enizwa ngaso ukukhala kwecilongo, negenkle, nehabhu,* nomqangala, nogubhu, negemfe, nazo zonke izinhlobo zokubethwa, niwe phansi, nikhuleke esithombeni segolide uNebukadinesari inkosi asimisileyo.


ngaphandle kwezinceku zabo nezincekukazi zabo ezaziyizinkulungwane eziyisikhombisa namakhulu amathathu namashumi amathathu nesikhombisa; babe nabahlabeleli besilisa nabesifazane abangamakhulu amabili.


Ngemi-alimugi* inkosi yenzela indlu kaJehova nendlu yenkosi izikhwelo, kanye namahabhu,* nezingubhu zabahlabeleli; akuzange kubonwe phambili okunjengakho ezweni lakwaJuda.


Onke lawo ayephansi kwezandla zikayise ekuhlabeleleni endlini kaJehova ngamasimbali,* nangezingubhu, nangamahabu* enkonzweni yasendlini kaNkulunkulu, o-Asafa noJeduthuni noHemani bephansi kwezandla zenkosi.


UDavide nezinduna zempi base bahlukanisela inkonzo amanye amadodana ka-Asafa, nakaHemani, nakaJeduthuni, ayeyakuprofetha ngamahabhu,* nangezingubhu, nangamasimbali;* umumo wabantu balo msebenzi wenkonzo wawunje:


Inkosi uRehobowamu yenza izihlangu zethusi esikhundleni sazo, yazinikela ezandleni zezinduna zabalindi abagcina umnyango wendlu yenkosi.


Zonke izitsha zokuphuza zenkosi uSolomoni zaziyigolide, nazo zonke izitsha zendlu yehlathi laseLebanoni zaziyigolide elicwengekileyo, kungekho ezesiliva, lona lingento yalutho emihleni kaSolomoni.


UHiramu wayesethuma enkosini amatalenta* ayikhulu namashumi amabili egolide.


Wayenabafazi abangamakhulu ayisikhombisa abangamadodakazi amakhosi, nezancinza ezingamakhulu amathathu; omkakhe bayiphambukisa inhliziyo yakhe.


“Ize leze,” usho uMshumayeli, “ize leze, konke kuyize.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite