Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UmShumayeli 2:23 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Ngokuba zonke izinsuku zakhe zinobuhlungu, nomsebenzi wakhe ulusizi; yebo, nasebusuku inhliziyo yakhe ayiphumuli; nalokho kuyize.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

23 Ngokuba zonke izinsuku zakhe zinobuhlungu, nomsebenzi wakhe uwusizi; nasebusuku ingqondo yakhe ayikutholi ukuphumula. Nalokho kuyize.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Ngoba zonke izinsuku zakhe ziwusizi lomhelo; yebo, inhliziyo yakhe ayiphumuli ebusuku. Nalokhu kuyize.

Gade chapit la Kopi




UmShumayeli 2:23
20 Referans Kwoze  

“Umuntu ozelwe ngowesifazane imihla yakhe mifushane, igcwele ukuyaluza.


ngokuba umuntu uzalelwa ukuhlupheka, njengokuba izinhlansi ziqhashela phezulu.


Kuyize kini ukuba nivuke ekuseni, nephuze ukuphumula, nidle isinkwa sezinhlupheko, ngokuba uyamupha othandiweyo wakhe esalele.


baqinisa imiphefumulo yabafundi bebaluleka ukuba beme ekukholweni, bethi: “Simelwe ukungena embusweni kaNkulunkulu ngezinhlupheko eziningi.”


Inkosi yase iya endlini yayo yobukhosi, yadlulisa ubusuku izila; izinkenezo zokubethwa azilethwanga kuyo, nobuthongo bayibalekela.


Ubuthongo besisebenzi bumnandi, noma sidla okuyingcosana noma okuningi, kepha ukusutha kocebileyo akumvumeli ukuba alale.


Ngokuba ekuhlakanipheni okuningi kukhona ukukhathazeka okuningi; owandisa ukwazi wandisa usizi.


Sithokozise ngangezinsuku owasihlupha ngazo, nangangeminyaka esabona okubi ngayo.


Ngokuba imini nobusuku isandla sakho sasinzima phezu kwami, uloya lwami loma njengokomisa kwehlobo. Sela*


Ngalobo busuku ubuthongo babaleka enkosini, yayala ukuba kulethwe incwadi yezikhumbuzo zezindaba zemihla ngemihla, zafundwa phambi kwenkosi.


UJakobe wathi kuFaro: “Izinsuku zeminyaka yokugogobala kwami ziyiminyaka eyikhulu namashumi amathathu; ziyingcosana, zimbi izinsuku zeminyaka yokuhamba kwami, azifinyelelanga ezinsukwini zeminyaka yokuhamba kwawobaba emihleni yokugogobala kwabo.”


Wayesethi ku-Adamu: “Njengokuba ulalele izwi lomkakho, wadla kulowo muthi engakuyala ngawo ukuthi ungadli kuwo, ngalokho umhlabathi uqalekisiwe ngenxa yakho. Uyakudla kuwo ngokukhathazeka zonke izinsuku zokuhamba kwakho.


Nganikela inhliziyo yami ukufuna nokuvivinya ngokuhlakanipha konke okwenziwa phansi kwezulu; kungumshikashika omubi uNkulunkulu awunikile amadodana abantu ukuba awushikashike.


Ngase ngibhekana nemisebenzi yonke ezaziyenzile izandla zami, nomshikashika engangishikashikile ukuwenza; bheka, konke kwakuyize nokufuna umoya, akukho nzuzo phansi kwelanga.


Yebo, zonke izinsuku zakhe zisebumnyameni nasosizini, nasekukhathazekeni okuningi, nasekuguleni, nasekuthukutheleni.


Lapho ngibeka inhliziyo yami ukukwazi ukuhlakanipha nokubona umshikashika owenziwa emhlabeni, ngokuba akakho obona ubuthongo ngamehlo akhe imini nobusuku,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite