Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UmShumayeli 2:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Ngokuba akukho ukukhunjulwa kohlakaniphileyo nokwesiwula kuze kube phakade, lokhu ezinsukwini ezizayo konke kuyakube sekukhohlakele. Nohlakaniphileyo akafi njengesiwula na?

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 Ngokuba akukho ukukhunjulwa kohlakaniphileyo nesiwula, ngoba ngokuhamba kwezinsuku, bobabili bayalibaleka. Kungenzeka kanjani ukuthi ohlakaniphile afe njengesiwula na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Ngokuba akukho ukukhunjulwa kohlakaniphileyo ngaphezu kwesiwula kuze kube phakade; ngokuba lokho okuzayo ngalezi zinsuku kuyakukhohlakala konke. Futhi ufa kanjani ohlakaniphileyo? kunesiwula.

Gade chapit la Kopi




UmShumayeli 2:16
17 Referans Kwoze  

Akukho ukukhunjulwa kwase bephelile, nabalandelayo abayakufika abayikukhunjulwa nabo phakathi kwabalandela bona.


Ngokuba abaphilayo bayazi ukuthi bayakufa, kepha abafileyo abazi lutho, futhi abasenawo umvuzo, ngokuba ukukhunjulwa kwabo sekukhohlakele.


Izimangaliso zakho ziyaziwa yini ebumnyameni, nokulunga kwakho ezweni lokukhohlwa na?


Kwavela inkosi entsha eGibithe eyayingamazi uJosefa.


Futhi njengalokhu kumiselwe abantu ukuba bafe kanye, emva kwalokhu ukwahlulelwa,


Khona abamesabayo uJehova bakhuluma bodwa omunye nomunye; uJehova waqaphela, wezwa, kwalotshwa phambi kwakhe incwadi yokukhumbula ababemesaba uJehova, bezindla ngegama lakhe.


Ngokuba ohlakaniphileyo udluleleni isiwula, nompofu okwazi ukuhamba phambi kwabaphilileyo unantoni na?


Ohlakaniphileyo unamehlo ekhanda lakhe, kepha isiwula sihamba ebumnyameni; nokho ngabona ukuthi umehlo munye wehlela bonke.


Ngokuba umoya uyadlula phezu kwayo, bese yinyamalala, nendawo yayo ingabe isayazi.


Qha, uyakubona ukuthi abahlakaniphileyo bayafa nokuthi isiwula kanye nesiphukuphuku ziyabhubha, imfuyo yabo bayishiyele abanye.


Inkosi yamlilela u-Abineri, yathi: “Afe u-Abineri njengokufa kwesiwula na?


UJosefa wafa, nabo bonke abafowabo, naso sonke leso sizukulwane.


Ngase ngithi enhliziyweni yami: “Njengokwehlelwa kwesiwula ngiyakwehlelwa nami; ngisidluleleni ngokuhlakanipha na?” Ngathi-ke enhliziyweni yami ukuba nalokho kwakuyize.


Kungcono ukuya endlini yokulila kunokuya endlini yedili, ngokuba lokho kungukuphela kwabantu bonke; nophilayo makakubeke enhliziyweni yakhe.


Kanjalo ngabona ukuthi ababi bembelwa, ababengenile bephuma endaweni engcwele, bababazeka emzini lapho kade benza okunjalo; nalokho kuyize.


kepha kwafunyanwa kuwo indoda empofu ehlakaniphileyo; yawukhulula umuzi ngokuhlakanipha kwayo, kodwa nokho akakho okhumbula leyo ndoda empofu.


Ukuhlakanipha koqondileyo kungukuqonda indlela yakhe, kepha ubuwula beziwula buyinkohliso.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite