Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UmShumayeli 2:15 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Ngase ngithi enhliziyweni yami: “Njengokwehlelwa kwesiwula ngiyakwehlelwa nami; ngisidluleleni ngokuhlakanipha na?” Ngathi-ke enhliziyweni yami ukuba nalokho kwakuyize.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

15 Ngase ngithi enhliziyweni yami: “Okwehlela isiwula, nami kuzongehlela. Pho kungani ngihlakaniphe kakhulu na?” Ngathi enhliziyweni yami: nalokho kuyize.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Ngase ngithi enhliziyweni yami: “Njengokwehlelwa kwesiwula, kuyangehlela nakimi; futhi kungani ngangihlakaniphe? Ngase ngithi enhliziyweni yami nalokhu kuyize.

Gade chapit la Kopi




UmShumayeli 2:15
9 Referans Kwoze  

Ngokuba ohlakaniphileyo udluleleni isiwula, nompofu okwazi ukuhamba phambi kwabaphilileyo unantoni na?


Ngiyibonile yonke imisebenzi eyenziwayo phansi kwelanga; bheka, konke kuyize nokufuna umoya.


Ngokuba akukho ukukhunjulwa kohlakaniphileyo nokwesiwula kuze kube phakade, lokhu ezinsukwini ezizayo konke kuyakube sekukhohlakele. Nohlakaniphileyo akafi njengesiwula na?


Ngokuba ekuhlakanipheni okuningi kukhona ukukhathazeka okuningi; owandisa ukwazi wandisa usizi.


Ngakhuluma mina nenhliziyo yami, ngathi: “Bheka, ngenzile ukuhlakanipha kube kukhulu, ngikwandisile kunabo bonke phambi kwami eJerusalema, yebo, inhliziyo yami ibonile kakhulu ukuhlakanipha nokwazi.”


“Ize leze,” usho uMshumayeli, “ize leze, konke kuyize.”


bheka, ngenzile njengezwi lakho: nakhu, ngikunika inhliziyo enokuhlakanipha nokuqonda, okungazange kube khona okunjengakho ngaphambi kwakho nokungayikuvela futhi okunjengakho nangasemva kwakho.


Lokhu kukhona amazwi amaningi akwandisa okuyize, umuntu unanzuzoni na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite