Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UmShumayeli 2:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Ohlakaniphileyo unamehlo ekhanda lakhe, kepha isiwula sihamba ebumnyameni; nokho ngabona ukuthi umehlo munye wehlela bonke.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

14 Umuntu ohlakaniphile uyabona ukuthi uyaphi, kodwa isiwula sidukuza ebumnyameni. Kodwa ngabona ukuthi siyafana isiphetho sabo bobabili.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Amehlo ohlakaniphileyo asekhanda lakhe; kodwa isiwula sihamba ebumnyameni, futhi mina ngokwami ngibonile ukuthi isenzakalo sinye sehlela bonke.

Gade chapit la Kopi




UmShumayeli 2:14
16 Referans Kwoze  

Qha, uyakubona ukuthi abahlakaniphileyo bayafa nokuthi isiwula kanye nesiphukuphuku ziyabhubha, imfuyo yabo bayishiyele abanye.


Ukuhlakanipha kuphambi koqondileyo, kepha amehlo esiwula asemikhawulweni yomhlaba.


Ngabuye ngabona phansi kwelanga ukuthi ukujaha akuyi ngabanejubane, nokulwa ngamaqhawe, nesinkwa ngabahlakaniphileyo, nengcebo ngabaqondileyo, nomusa ngabanokwazi, ngokuba bonke bahlangabezana nesikhathi nethuba.


kepha ozonda umzalwane wakhe usebumnyameni, uhamba ebumnyameni, akazi lapho eya khona, ngokuba ubumnyama buwaphuphuthekisile amehlo akhe.


Ngokuba okwehlela amadodana abantu kwehlela nezilwane, into inye ikwehlela kokubili: njengalokhu kufa lokho, kuyafa nalokhu; kunomphefumulo munye, umuntu akazidluli ngalutho izilwane, ngokuba konke kuyize.


Ngase ngithi: “Ukuhlakanipha kuhle kunamandla,” kepha ukuhlakanipha kompofu kuyadelelwa, namazwi akhe awezwakali.


Ngubani onjengohlakaniphileyo na? Ngubani owazi ukuchasisela indaba na? Ukuhlakanipha komuntu kuyakhanyisa ubuso bakhe, nobulukhuni bobuso bakhe buyaguqulwa.


Kungcono ukuya endlini yokulila kunokuya endlini yedili, ngokuba lokho kungukuphela kwabantu bonke; nophilayo makakubeke enhliziyweni yakhe.


Yebo, noma ephila iminyaka eyinkulungwane ephindwa kabili, engaboni okuhle, abayi bonke endaweni inye na?


Ukuhlakanipha koqondileyo kungukuqonda indlela yakhe, kepha ubuwula beziwula buyinkohliso.


Inxanelekile kunegolide, kunegolide elihlanzekileyo eliningi; imnandi kunezinyosi, kunoju lwamakhekheba.


Ngokuba akukho ukukhunjulwa kohlakaniphileyo nokwesiwula kuze kube phakade, lokhu ezinsukwini ezizayo konke kuyakube sekukhohlakele. Nohlakaniphileyo akafi njengesiwula na?


Ukucabanga kwabo kuthi izindlu zabo zizakuma kuze kube phakade, nemizi yabo ezizukulwaneni ngezizukulwane; amazwe abo bawabiza ngamagama abo.


Ngokuba ohlakaniphileyo udluleleni isiwula, nompofu okwazi ukuhamba phambi kwabaphilileyo unantoni na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite