Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UmShumayeli 2:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Ngase ngithi mina enhliziyweni yami: “Woza, ngizakukulinga ngentokozo; mawubone okuhle nje.” Kepha nalokho kwakuyize.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Ngase ngithi enhliziyweni yami: “Woza ngikuvivinye ngentokozo ukuze ngibone okuhle.” Nalokho futhi kwakuyize.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ngathi enhliziyweni yami: “Hamba manje, ngiyakukulinga ngokuthokoza; ngakho-ke jabula; bheka, nalokhu kuyize.

Gade chapit la Kopi




UmShumayeli 2:1
27 Referans Kwoze  

Bese ngithi kuwo umphefumulo wami: Mphefumulo, unempahla eningi ebekelelwe iminyaka emmingi; phumula, udle, uphuze, ujabule.’


Ngase ngibabaza intokozo, ngokuba umuntu akanakho okuhle phansi kwelanga kunokudla, nokuphuza, nokujabula; lokhu kuyakuhlala kuye emshikashikeni wakhe ezinsukwini zokuphila kwakhe aziphiweyo nguNkulunkulu phansi kwelanga.


Nibusile emhlabeni, natamasa; ninonisile izinhliziyo zenu ngosuku lokuhlaba.


Minani nina bacebileyo; khalani, nilile ngezinhlupheko eziyakunehlela.


Kuwena othi: “Funani ubuso bami,” inhliziyo yami ithi: “Ubuso bakho, Jehova, ngiyabufuna.”


Minani nina enithi: “Namuhla noma ngomuso siyakuya kulona noma kulowaya muzi, siqede khona umnyaka, sithengiselane, sizuze,”


Ngokuba nathi kade sasiyiziwula, abangalaleliyo, abadukiswayo, sikhonza izinkanuko nokutamasa okuyizinhlobonhlobo, sihlezi ebubini nangomhawu, sizondekile sizondana.


“Kwakukhona umuntu othile onothileyo, owayegqoka ezibubende nezelineni elihle, ezijabulisa imihla ngemihla etamasa.


Bhekani nina nonke eniphemba umlilo, enibhinca izikhuni, manihambe ekukhanyeni komlilo wenu naphakathi kwezikhuni eniziphembileyo. Lokhu kuyakuba phezu kwenu kuvela esandleni sami; niyakulala phansi ngobuhlungu.


INkosi uJehova iyivulile indlebe yami, mina angihlubukanga, angihlehlanga nyovane.


Thokoza, nsizwa, ebusheni bakho, inhliziyo yakho ikuphe ukwenama emihleni yobunsizwa bakho, uhambe ngezindlela zenhliziyo yakho njengokubona kwamehlo akho, kepha yazi ukuthi ngakho konke lokho uNkulunkulu uyakukungenisa ekwahlulelweni.


Inhliziyo yabahlakaniphileyo isendlini yokulila, kepha inhliziyo yeziwula isendlini yentokozo.


Ngase ngithi enhliziyweni yami: “Njengokwehlelwa kwesiwula ngiyakwehlelwa nami; ngisidluleleni ngokuhlakanipha na?” Ngathi-ke enhliziyweni yami ukuba nalokho kwakuyize.


Isiwula sithi enhliziyweni yaso: “Akakho uNkulunkulu.” Yonakele, iyanengeka imisebenzi yabo; akakho owenza okuhle.


Uthi enhliziyweni yakhe: “Angiyikuzanyazanyiswa; izizukulwane nezizukulwane angisoze ngehlelwa ngozi.”


Inkosi yase-Aramu yayisithi: “Yiya khona; ngizakuthuma incwadi enkosini yakwa-Israyeli.” Wasuka, wahamba namatalenta* ayishumi esiliva nezinhlamvu eziyizinkulungwane eziyisithupha zegolide, nezingubo eziyishumi zokuphendulela.


Wozani sehle, siye ukusanganisa ulimi lwabo ukuba bangezwani, kube yilowo nalowo ulimi lomunye.”


SesiseHayidese* saphakamisa amehlo aso, sisebuhlungwini, sambona u-Abrahama ekude, noLazaru esesifubeni sakhe.


Sengiyakunitshela engiyakukwenza kuso isivini sami: ngiyakususa uthango lwaso, ukuze sidliwe, ngidilize ugange lwaso, ukuze sinyathelwe.


Nasekuhlekeni inhliziyo inobuhlungu, nokuphela kwentokozo kulusizi.


Konke amehlo ami akufisayo angikugodlanga kuwo; angenqabelanga inhliziyo yami neyodwa intokozo, ngokuba inhliziyo yami yathokoza ngawo wonke umshikashika wami; lokho kwakuyisabelo sami kuwo wonke umshikashika wami.


Ngokuba ngubani ongadla, ngubani ongajabula ngaphandle kwakhe na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite