Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UmShumayeli 12:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 nalapho abantu besaba imimango izesabiso zibe sendleleni, umalimondi* ukhahlele, intethe itotobe, izithelo zesihlahla sekaphari* zingabe zisaba namandla, ngokuba umuntu useya endlini yakhe ephakade, nabalilayo bazulazula esitaladini;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 nalapho abantu besaba okuphakemeyo, isihlahla somAlimondi siyoqhakaza, intethe itotobe, izihlahla zekaphari zingatheli, ngokuba umuntu useya ekhaya lakhe laphakade, abalilayo bayazulazula emigwaqweni,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Futhi lapho besaba abaphezulu, futhi ukwesaba kuyoba endleleni, futhi um-alimondi uyoqhakaza, nesikhonyane siyakuba ngumthwalo, futhi ukufisa kuyaphela; ngokuba umuntu uya endlini yakhe ende, nabalilayo bahamba ezitaladini;

Gade chapit la Kopi




UmShumayeli 12:5
19 Referans Kwoze  

Uma ngithemba ukuthi indawo yabafileyo iyindlu yami, ngendlalele ukhukho lwami ebumnyameni,


Ngokuba ngiyazi ukuthi ungiyisa ekufeni nasendlini yokubuthana kwabaphilayo bonke.


Ubumpunga bungumqhele wodumo; bufumaniswa endleleni yokulunga.


Futhi mawungangishiyi, nxa ngimdala, ngiyimpunga, ngize ngishumayele ingalo yakho kuso isizukulwane, amandla akho kubo bonke abezayo.


Kithina kukhona izimpunga namakhehla amadala kunoyihlo.


“ ‘Wosukuma phambi kwempunga, uhloniphe ubuso bomuntu omdala, umesabe uNkulunkulu wakho; nginguJehova.


Futhi njengalokhu kumiselwe abantu ukuba bafe kanye, emva kwalokhu ukwahlulelwa,


Izwi likaJehova lafika kimi futhi, lathi: “Jeremiya, ubonani na?” Ngathi: “Ngibona igatsha lomalimondi.”*


Noze niguge, nginguye, yebo, noze nibe yizimpunga, ngiyakunithwala; ngikwenzile lokhu, futhi ngiyakunetshatha, yebo, ngiyakunithwala, nginikhulule.


Konke isandla sakho esikufumanayo ukukwenza, kwenze ngamandla akho, ngokuba akukho msebenzi, namcabango, nakwazi, nakuhlakanipha endaweni yabafileyo, lapho uya khona.


Udumo lwabasha lungamandla abo, nesivunulo sabadala singubumpunga.


kuzakuthi lapho ebona ukuthi umfana akakho, afe, izinceku zakho zibe zehlisela endaweni yabafileyo izimvi zenceku yakho ubaba ngosizi.


Nanxa nithatha nalena, niyisuse kimi, yehlelwa yingozi, niyakwehlisela izimvi zami endaweni yabafileyo ngosizi.’


Wathi: “Indodana yami ayiyikwehla nani, ngokuba umfowabo ufile, kusele yona yodwa; uma yehlelwa yingozi endleleni eniyihambayo, niyakwehlisela endaweni yabafileyo izimvi zami ngosizi.”


Ngiyakubahlakazela ezizweni abangazazanga bona nawoyise, ngithume emva kwabo inkemba, ngize ngibaqede.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite