Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UmShumayeli 12:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Futhi khumbula uMdali wakho emihleni yobusha bakho, zingakafiki izinsuku ezimbi, ingakasondeli iminyaka osho ngayo ukuthi: “Angithokozi ngayo;”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Khumbula uMdali wakho ezinsukwini zobusha bakho, zingakafiki izinsuku ezimbi, neminyaka ingakasondeli oyothi ngayo: “Angithokozi.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Cabanga ngoMdali wakho emihleni yobusha bakho, zingakafiki izinsuku ezimbi, ingasondeli iminyaka, uma uthi: Angithokozi ngayo;

Gade chapit la Kopi




UmShumayeli 12:1
40 Referans Kwoze  

Kuhle kumuntu ukuba athwale ijoka ebusheni bakhe.


Noma umuntu ekhona iminyaka eminingi, makathokoze ngayo yonke, akhumbule nokho nezinsuku zobumnyama ukuthi njengokuba ziziningi, konke okufikayo kuyize.


Khulisa umntwana ngendlela eyakuba ngeyakhe; kuyakuthi lapho esekhulile, angasuki kuyo.


Kodwa uJesu wababizela kuye, wathi: “Vumelani abantwana beze kimi, ningabenqabeli, ngokuba umbuso kaNkulunkulu ungowabanjalo.


Zanini, bantwana, ningilalele; ngizakunifundisa ukumesaba uJehova.


nokuthi kusukela ebuntwaneni wazi imibhalo engcwele enamandla okukuhlakaniphisa, kube yinsindiso ngokukholwa kuKristu Jesu.


Izinsuku zeminyaka yethu zineminyaka engamashumi ayisikhombisa; kuthi uma ziziningi, zineminyaka engamashumi ayisishiyagalombili; nokho ukuvama kwazo kungukuhlupheka nelize, ngokuba zidlula masinyane, thina siyandiza, simuke.


Khipha usizi enhliziyweni yakho, udlulise okubi emzimbeni wakho, ngokuba ubusha nobunsizwa buyize.


Ngiyathanda abangithandayo; abangifunayo bayakungifumana.


Namuhla ngineminyaka engamashumi ayisihiyagalombili; ngingahlukanisa okuhle nokubi yini? Inceku yakho ingezwa ekudlayo nekuphuzayo na? Ngingabe ngisalizwa izwi lamadoda ahlabelelayo nabesifazane abahlabelelayo na? Inceku yakho isezakuba ngumthwalo wenkosi yami, inkosi, ngani na?


Umntwana uSamuweli waqhubeka wakhula, waba muhle kuJehova nakubantu.


UJehova wayenaye uJosefa, waba ngumuntu onenhlanhla; wayesendlini yenkosi yakhe yaseGibithe.


Ngokuba uzakuba mkhulu emehlweni eNkosi; kasoze waphuza iwayini nophuzo oludakisayo; uzakugcwaliswa nguMoya oNgcwele esesesiswini sikanina.


Kepha uJehova wathi kuSamuweli: “Ungabheki isimo sakhe nobude bomzimba wakhe, ngokuba ngimalile, lokhu uJehova engabukisi okomuntu; umuntu ubheka okusemehlweni, kepha uJehova ubheka okusenhliziyweni.”


Umlindi wetilongo akabanga esabheka lutho olusesandleni sakhe, ngokuba uJehova wayenaye, nalokho akwenzayo uJehova wakuphumelelisa.


Nani boyise, ningabathukuthelisi abantwana benu, kodwa nibondle ngokuyala nangokuqondisa kweNkosi.


Laba bafana abane uNkulunkulu wabanika ukwazi nokuqonda encwadini nasekuhlakanipheni; uDaniyeli wayenengqondo kuyo yonke imibono namaphupho.


Yebo, ezindleleni zezahlulelo zakho, Jehova, sikuhlalele. Umphefumulo uyalangazelela igama lakho nesikhumbuzo sakho.


USamuweli wakhonza phambi kukaJehova esengumntwana, egqoke ingubo yamahlombe yelineni.


Kuyakuthi sengisukile kuwe, uMoya kaJehova akuyise lapho ngingazi khona, nanxa sengifika ukuba ngimtshele u-Ahabi, yena angakufumani, uyakungibulala; kepha mina nceku yakho ngiyamesaba uJehova kwasebusheni bami.


ngalokho nami ngimnikele kuJehova; zonke izinsuku zokuphila kwakhe unikelwe kuJehova.” Bakhuleka kuJehova khona.


Abafokazi badlile amandla akhe, kepha yena akazi; izimvi zikhahlele kuye, kepha yena akazi.


Yebo, namandla ezandla zabo angangisiza kanjani, abantu abaphelile iziphika, na?


Wonke u-Israyeli uyakumlilela, ammbele, ngokuba nguyena yedwa wakwaJerobowamu oyakuya ethuneni, lokhu kufunyanwa kuye okuhle kuJehova uNkulunkulu ka-Israyeli endlini kaJerobowamu.


Kepha womkhumbula uJehova uNkulunkulu wakho, ngokuba nguyena okupha amandla okuzuza imfuyo ukuba amise isivumelwano sakhe asifungela oyihlo njenganamuhla.


Lapho sengibhekile, ngasuka ngathi kwabakhulu nakubabusi nakwabanye abantu: “Ningabesabi; khumbulani iNkosi enkulu neyesabekayo, nilwele abafowenu, namadodana enu, namadodakazi enu, nawomkenu, nezindlu zenu.”


Nxa ngikukhumbula ecansini lami, ngizindla ngawe emilindweni yasebusuku.


Ebusuku ngikhumbula igama lakho, Jehova, ngigcina umthetho wakho.


Yabela abayisikhombisa nabayisishiyagalombili, ngokuba awukwazi okubi okuyakuba semhlabeni.


Inceku yakho iyakusimze iwele nje iJordani nenkosi; pho, inkosi iyakungivuzelani ngomvuzo ongaka na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite