Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UmShumayeli 10:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Isiwula siyandisa amazwi, nokho umuntu akazi okuyakuba khona; nalokho okuyakuba ngasemva kwakhe, ngubani ongamtshela lokho na?

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

14 Isiwula sikhuluma amagama amaningi, kodwa akukho muntu owaziyo ukuthi kuzokwenzekani, nongasho ukuthi yini ezolandela uma sesifile?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Ngisho nesiwula sigcwele amazwi; umuntu akakwazi ukusho ukuthi kuzoba yini; futhi okuzokwenzeka emva kwakhe, ngubani ongamtshela?

Gade chapit la Kopi




UmShumayeli 10:14
13 Referans Kwoze  

Ulimi lwabahlakaniphileyo luveza kahle ukwazi, kepha umlomo weziwula uphafuza ubuwula.


lokhu engazi okuyakuba khona, ngokuba ngubani ongamtshela ukuthi kuyakuba kanjani na?


Ngokuba ngubani okwaziyo okuhle okuyakuba ngokomuntu ekuhambeni kwakhe zonke izinsuku zokuhamba kwakhe okuyize aziqedayo njengesithunzi na? Ngubani ongatshela umuntu okuyakuba semva kwakhe phansi kwelanga na?


Ngokuba iphupho livela ngemisebenzi eminingi nephimbo lesiwula ngobuningi bamazwi.


Ngase ngibona-ke ukuthi akukho okungcono kunokuba umuntu athokoze ngemisebenzi yakhe, lokhu kuyisabelo sakhe, ngokuba ngubani ongambuyisa ukuba abone okuyakuba semva kwakhe na?


Lapho amazwi emaningi khona, akuphuthi ukuphambeka; obamba umlomo wakhe uhlakaniphile.


uJobe uvulela ize umlomo wakhe; uyandisa amazwi engenalwazi.”


Ngokuba uyenezela ukuhlubuka esonweni sakhe; ushaya ihlombe phakathi kwethu, andise amazwi akhe kuNkulunkulu.”


Yenama ngosuku lwenhlanhla, kepha ngosuku olubi qonda ukuthi nalolu uNkulunkulu ulwenzile njengalolo, ukuze umuntu angafumani lutho oluyakuba khona emva kwakhe.


Ngokuba konke lokho ngakubeka enhliziyweni yami ukuhlola konke lokho ukuthi abalungileyo nabahlakaniphileyo nemisebenzi yabo kusesandleni sikaNkulunkulu; noma kuluthando noma kuyinzondo, akukho muntu okwaziyo; konke kusebusweni babo.


Umshikashika weziwula uyaziqoba, ukuze zingazi nokuya emzini.


Nizikhulisile kimi ngomlomo wenu, nandisile amazwi enu kimi; mina ngiwezwile.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite